
Ukubamba Iqhaza Kwentsha Kwezomnotho
Click here for the English version
Ngenxa yokubona ukuthi sincane isibalo sentsha ebamba iqhaza kwezomnotho njengabasebenzi okanye abaqashi, i-Dolsden Oracle (Pty) Ltd yethule i-eThekwini Economic Talk.
Lesi sinyathelo sihlose ukuqondisa izinkinga ezibangela ukungakhuli komnotho kanye nentuthuko KwaZulu-Natal, futhi sihlose ukuthola izixazululo ezizokwenza abafundi kanye nasebethole iziqu bakwazi ukusebenza ngokuzimisela.
I-Dolseden Oracle (Pty) Ltd inkampani esebenza eyasungulwa ngabafundi base-UKZN besebenzisana ne-Urban-Econ kanye ne-UKZN, yavula ingxoxo kubafundi zingama-11 kuNhlaba e-Graduate School of Business (Westville campus).
Isikhulumi sasehhovisi lentsha kwaMasipala weTheku, uMnu Mndeni Mkhize ophinde abe umfundi wase-UKZN wangaphambilini wayengomunye wezikhulumi ezazimenyiwe kulo mcimbi. Waxoxisana nabafundi mayelana nemisebenzi etholakala kwamasipala ukulungiselela asebeneziqu ukuyosebenza. UMkhize uphinde wakhuthaza abafundi ukuthi basebenzise izinsizakusebenza ezitholakala kuhleloxhumana, okufaka ikhasi lezemisebenzi eliveza izikhala zemisebenzi.
Omunye owayeyingxenye yezingxoxo kwakungu-Nkz Malindi Kunene njengongoti we-SMME aphinde abe umfundisi e-UKZN, wacacisa ngokusebenza kwezinhlelo zemfundo e-UKZN ekulungiseleleni asebeneziqu indawo yokusebenza. UNkz Kunene waphinde wagcizelela ukuthi kukhona imojulu yezamabhizinisi enikezwa abafundi etholakala eSikoleni Sezamabhizinisi kanye nezinhlelo zezamabhizinisi exhaswe i-UKZN ngenhloso yokugqugquzela abafundi ukuba babe abaqashi kunokuba abasebenzi. UNkz Kunene waphinde wakhuluma ngezinye zezinto ezenza abantu bangakwazi ukuthola imali baphinde badikibale, ikakhulu i-SMME. Wakuveza ukuthi abantu kumele bacele usizo uma begcwalisa ifomu lesicelo. U-Mnu Doctor Sangweni, Inhloko yezoCwaningo nezokuThuthukisa e-Dolsden Oracle (Pty) Ltd ugqugquzele intsha ukuba babambe iqhaza kwezomnotho ngamabhizinisi.
Bathemba ukuthi bazoqhubeka baxoxisane nabanye ongoti basemikhakheni kahulumeni kanye namabhizinisi azimele ukuze bakwazi ukucija abafundi ngamakhono amasha azokwandisa amathuba okuphumelela emsebenzini okanye kwezamabhizinisi.
Amagama: u-Nokubonga Nomasiko Jele