
Abafundi base-UKZN Bakhangise Ngamakhono abo Kwezamabhizinisi
Click here for the English version
Ihholo elikhulu lase-UKZN liphenduke laba inkundla yohlelo i-Dragon’s Den, kususelwa ohlelweni lwezamabhizinisi oluthandwayo kumabonakude; bekuphelele konke amajaji, abaqhudelanayo kanye nemiqondo ethokozisayo yezamabhizinisi.
Lo mncintiswano obubanjwe yi-UKZN InQubate lapho kwethulwa khona imiqondo yezebhizinisi ngesivinini ubangele abafundi ukuba basebenze ngokushesha bekhangisa ngemiqondo yabo emisha yebhizinisi emajajni angabaholi bezamabhizinisi.
Abahlanu abadle umhlanganiso uMnu Ndabenhle Moloi nge-App yokufundisa, i-Hlangana Portal; walandelwa uMnu Tamrat Yimer ngesu lakhe lebhizinisi elibhekelele ukukhiqizwa kwezimpahla ezisezingeni eliphezulu ngokusebenzisa izimpaphe zezinkukhu eziyimfucuza; kanye noKhuleka Xaba we-Tech-Foods -nesu elibizwa nge-aeroponics elisebenzisa amanzi amancane ukulima ukudla okuningi.
Umncintiswano usebenze njengendlela yokwethula uhlelo lwe-InQubate’s Student Entreprenuership Skills Programme, i-ENSPIRE, oluhlose ukukhuthaza ezomnotho futhi lukhulise namathuba emisebenzi.
UNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha kanye neZindaba Zemvelo, uMnu Sihle Zikalala ugcizelele iqhaza elibanjwe amanyuvesi ekuthuthukisweni kwezwe. ‘AmaNyuvesi adinga ukuqondisisa ngezidingo ezibalulekile zomphakathi,’ kusho uZikalala.
UZikalala ubonge i-UKZN ngokusungula i-ENSPIRE, waphinde wagcizelela ukubaluleka kokuqamba okusha kanye nemfundo.
ISekelashansela kwezoCwaningo e-UKZN, uSolwazi Deresh Ramjugernath (obeyijaji futhi) uthe imfundo ephakeme idinga ukubhekana nezinkinga ezihlasele izwe, ikakhulukazi ukungasebenzi kwentsha. ‘Sidinga ukukhiqiza abafundi abaneziqu, abazokwakha imisebenzi, hhayi abazofuna umsebenzi nje kuphela,’ kusho uRamjugernath.
UMqondisi we-InQubate e-UKZN: Intellectual Property and Commercialisation, uNkz Suvina Singh, uthe loluhlelo luzoletha ‘luzothuthukisa ikhono lezamabhizinisi kubafundi bethu’.
Obekwenziwa ngalolu suku kuhlanganise imbongi u-Thembalethu Ntuli kanye nomculo wabafundi baseSikoleni sezoMculo sase-UKZN. Amajaji ahlanganise uNkz Melanie Veness (i-CEO ye-Pietermaritzburg Chamber of Commerce), uNkz Dineo Mazibuko (Umphathi ophezulu kwa-Transnet Corporate Services), uNkz Sharon van den Heever (Umqondisi, kwa-Hesscon (Pty) Ltd), uMnu Barlow Manilal (i-CEO ye-Technology Innovation Agency) noRamjugernath.
Amagama nezithombe: nguRaylene Captain-Hasthibeer