
Abaphathi Bathole Ukucijwa Ngokuqeqeshwa KwezobuHoli e-UKZN
Click here for the English version
Umnyango Wezobudlelwane e-UKZN bacije abaphathi beminyango ehlukene ngamakhono okuxhumana namaqembu abo ohlelweni lokuqeqesha kwezobuholi obelusekhempasini i-Westville ngomhla wama-27 kuNdasa.
Inhloso yomhlangano wokucobelelana ngolwazi obunesihloko esithi Kugqugquzelwa Uhlelosu Lwase-UKZN 2017-2021 obuphethwe uMnu Daniel Munslow wakwa-MCC Consulting, bekuwukuhlinzeka abaphathi ngamakhono okubamba izingxoxo eziyimpumelelo namaqembu abo kanye nokuthuthukisa izinga lezokuxhumana ngaphakathi.
Umhlangano uqale ngokuthi u-Munslow abalule okwatholakala kusaveyi yezokuxhumana kwangaphakathi kwesikhungo esanda kwenziwa e-UKZN. Uthe yize umphumela wesaveyi ubumuhle jikelele, okubekiwe okunye okudinga ukulungiswa.
Ugcizelele nokuthi okutholakale kusaveyi nolwazi ngohlelosu olusha kumele kukhulunywe ngakho futhi ludliliselwe kubasebenzi ukuze bazi kahle ngeqhaza labo eNyuvesi.
Basebenzise izindlela ezinhlobonhlobo zokubalekelela bafunde ukuqonda kangcono ngabaxhumana nabo. Baphinde banikwa amasu nezindlela zokuxhumana ngamazwi, kanye nolwazi ngokuxhumana ngezimpawu nokulalela.
U-Munslow ukhuthaze abaphathi ukuba babe nezingxoxo ezivulelekile ngoba ezihleliwe nezingavulelekile azihambelani nokuhlosiwe. Ukhuthaze nezihlobo ezimzilambili nezimazinganingi zokuthola izimpendulo ngoba kubalulekile ukuthi abaholi baqonde ngokwenzeka emazingeni aphansi.
Abaphathi banikwe umsebenzi wokuthi baxhumane nabasebenzi babo mayelana nohlelosu olusha futhi bahlinzekwa ngomsebenzi abazowenza bawubuyisele ku-Munslow kungakapheli amasonto amabili. Abaphathi baphinde banikwa nebhuku elingasetshenziswa uma benezingxoxo nabasebenzi mayelana nohlelosu.
Ukuqeqeqshwa okulandelayo kabaphathi abakhulu besikhungo kanye namadini kuzoba ngomhla we-5 kuMbasa.
amagama: nguSithembile Shabangu