
Abacwaningi Ababili Bathole Ukuqeqeshwa Kwezesayensi Yezibonakhulu
Click here for the English version
Abacwaningi ababili abasebenza ophikweni lwase-UKZN i-Microscopy and Microanalysis Unit (MMU) babeyingxenye yabebeqeqeshwa esizindeni i-Centre for High Resolution Transmission Electron Microscopy (CHRTEM) e-Nelson Mandela University (NMU) e-Port Elizabeth.
Ukuqeqeshwa bekumayelana nesihloko Izindlela Zesayensi Zokulungiselela Ukusebenzisa Isibonakhulu Sama-elekthroni.
UNkz Lorika Beukes wasophikweni olusekhempasini yaseMgungundlovu nozakwabo uMnu Vishal Bharuth osophikweni olusekhempasini i-Westville,bebethole uxhaso oluhlinzekwe yi-National Research Foundation (NRF) oluphathelene nokuhamba nokuqeqeshwa kwezemishini yokusebenza. Lolu xhaso luhlose ukusekela umphakathi wezesayensi wonkana ukuze ufinyelele ezinsizeni zokucwaninga ezisezingeni eliphezulu ezingatholakali ezikhungweni noma ezifundeni noma ezweni lonkana.
I-CHRTEM yase-NMU inezibonakhulu ezine zama-elekthroni zohlobo oluphambili, okuhlanganisa nohlobo lwesibonakhulu i-double aberration corrected transmission electron microscope (ARM) okuyiyo kuphela e-Afrika yonke kanye nemishini yokulungisa amasampula amakhulu lapho kugxilwe ekucwaningweni kwezinto ezinhlobonhlobo.
‘Injulamqondo yethu njengophiko lwezezibonakhulu e-UKZN ukuthi ikakhulukazi silekelele futhi siqeqeshe abafundi nabacwaningi emkhakheni wezokulungiswa kwamasampula ezinto eziphilayo nokuhlaziywa kwawo kusetshenziswa izibonakhulu ezinamandla,’ kusho uBeukes, osephothula iziqu zakhe ze-PhD kweze-Microbiology.
Ukuqeqeshwa okutholwe u-Beukes no-Bharuth e-CHRTEM izoba usizo kakhulu e-UKZN ngoba uphiko lwayo luzokwazi ukubamba imihlangano yokucobelela ngolwazi ngezindlela zokulungiswa kwamasampula amakhulu emphakathini wefiziksi nesayensi yezinto jikelele.
UBeukes uthemba ukuthi lokhu kuqeqeshwa kuzovulela amathuba okusebenza ngokubambisana phakathi kwe-CHRTEM ne-MMU e-UKZN, futhi kungaba nomthelela omuhle uma i-UKZN ifisa ukukhulisa izizinda zayo ukuze zibe nemishini yobuchwepheshe bohlobo oluphambili.
‘Umsebenzi wale mishini uzoba nomthelela omuhle ekuthuthukisweni kwemiphumela yezocwaningo emkhakheni wesayensi yezinto, futhi kuzoholela ekukhuleni kolwazi olusatshalaliswayo kubasebenzi nabafundi e-UKZN nasemphakathini wezesayensi ngokubanzi,’ said Beukes.
Amagama: ngu-Christine Cuénod
Isithombe Sitholakale kuNkz Lorika Beukes