Abebebambe iqhaza emhlanganweni wokucobelelana ngolwazi ngabangezwa.ISikole SezeMfundo Sibambe Umhlangano Wokucobelelana Ngolwazi Ngabangezwa
Click here for the English Version
ISikole SezeMfundo sibambe umhlangano wokucobelelana ngolwazi ngokungezwa ukuze kulekeleleke othisha abafundisa abafundi bobuthisha abanezingqinamba ngokuzwa kanye nolwazi lokusetshenziswa kolimi lwezimpawu lwaseNingizimu Afrika i- South African Sign Language (SASL) ekhempasini.
Lo mhlangano, oyingxenye yenyanga yabangezwa, ibizwe ngokomyalelo weDini eyiNhloko yeSikole, uSolwazi Thabo Msibi, ukuze kulekelelwe abantu abanezinselelo zokuzwa ekhempasini i-Edgewood.
Obehola lo mkhankaso uDkt Lolie Makhubu-Badehorst onguthisha onentshisekelo ngezindaba ze-SASL ebambisene noNkz Rosh Subrayen wasehhovisi lase-UKZN lezabaphila nokukhubazeka ekuhlelweni kwalo mhlangano.
Abebefundisa emhlanganweni bekuwuthisha ongezwa uNkz Monica Sutcliffe, noMqondisi wase-Deaf SA, uNkz Odette Swift.
UMakhubu-Badenhorst uthe: ‘Umhlangano ububalulekile futhi unesidingo esikhulu ngoba ungowokuqala walolu hlobo ekhempasini i-Edgewood. Ube isiqalo sokungase kwenziwe yiSikole sezeMfundo ukuze kufundiswe othisha ngabangezwa nokuhola umkhankaso wokuthuthukiswa kohluzifundo ze-SASL KwaZulu-Natali.’
Umhlangano ubuhlanganise ukufundiswa ngezindlela ezifanele nezingafanele zokuxhumana nabantu abangezwa, ukufunda ukusebenzisa uimi lwezimpawu kanye nosiko lwakhona.
Ngenkathi ebuzwa ngezinhlelo zokufundisa ngokungezwa ekhempasini uMakhubu-Badenhorst uthe: ‘Sihlele ukuhlanganisa uhlelosu oluzobhekana nezindaba zabangezwa jikelele ukuze silwenze ingxenye yamamojuli/izinhlelo zabaphila nokukhubazeka. Kuzoba nokusebenzisana esikhathini esizayo lapho kuzoba nokucwaninga okuhlanganisa imikhakha ehlukene nokuqeqeshwa kothisha base-Edgewood nabanye othisha abasebenzayo. Sihlele nokuthuthukisa izifundo ezifingqiwe ze-SASL ukwelekelela abangezwa.’
Ngu-Melissa Mungroo



