
I-SINW Prominent Women Iklomeliswe Onekusasa eliqhakazile Wase-UKZN
Click here for the English version
Umfundi weziqu zezeMfundo uNkz Shongani Dladla usanda kuhlonishwa yinhlangano ezinikele ekubhekaneni nezimo ezithize zenhlalo iSakha Isizwe Ngomuntu Wesifazane Global Organisation (SINW), ngenxa yobuciko bakhe bokubhala izinkondlo .
Ngomhla wama-25 kuNcwaba uDladla uklonyeliswe ngendondo i-Best Woman in Poetry emcimbini obubanjelwe e-Blue Waters Hotel.
I-SINW izinikele ekwakheni ubudlelwano obuqinile nemindeni emiphakathini, ngoba ikholelwa ekutheni ‘imindeni ephila kahle yakha imiphakathi ephila kahle.’
Ongumsunguli we-SINW uDkt “Lady N” Nomusa Madlala (Mam Sphithiphithi) uphokophele ekuthuthukiseni lolu lwazi ngokuhlonipha nokuklomelisa abesifazane abenza imisebenzi eyisimangaliso.
Okwenziwe uDladla kukhombisa umbono wakhe ngoba izinkondlo zakhe zikhuluma ngokungumongo wokwakhiwa kwesizwe. Umlando wempilo yakhe unika ithemba futhi uwubufakazi boguquko lwangempela.
Njengoba ezalelwe emndenini ontulayo eNkandla lapho ekhuliswe umzali oyedwa, uDladla udlule ezihibeni eziningi ukuze afike lapha ekhona namuhla.
Uneminyaka eyi-20 wenza izifundo zonyaka wesibili zeziqu zobuthisha, uyisikhulumi esikhuthaza abanye ngezinkondlo aphinde abe ngunozinti weqembu lasekhempasini yase-Edgewood yebhola lezinyawo.
Uthando lwakhe lwezobuciko lwaqala ngenhlansi yokufuna ukulwisana nezinkinga ezihaqe umphakathi waseNingizimu Afrika.
Iseluleko sakhe sithi, ‘kukho konke okwenzayo, hlala njalo ukwenzisisa, noma ngabe uya kephi yenza uhambo lwakho lukhazimule, sebenzisa ithuba nethuba ngobuhlakani. Ungaqhudelani nomunye umuntu, yenza konke okwenzayo ukuze ithalente lakho libe ngcono kunayizolo.’
UDladla uhlela ukuvakasha emhlabeni jikelele futhi ufisa nokuthola abalaleli abathe xaxa, kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi ufisa ukuhlomisa abantu ngezinkondlo zakhe futhi athole indawo ezinhliyweni zabazifundayo.
Amagama: Ziphezinhle Silindile Biyela