
Umfundi KwezokuPhathwa KwezokuThenga Uklomeliswe Ngomfundaze WezoCwaningo Ezifundweni ZobuDokotela
Click here for the English version
Umfundi esikoleni SezokuPhatha, EzobuChwepheshe NokuBusa uMnu Mandla Mvubu uklonyeliswe ngomfundaze wase-UKZN wezoCwaningo ezifundweni zakhe zobuDokotela emcimbini obuse-UKZN wokuklonyeliswa kwabafundi.
UMvubu wenza izifundo zeziqu ze-PhD kwezokuPhathwa KwezokuThenga.
‘Kubalulekile ukuthi ngiqhube lolu cwaningo ngenxa yokungathembeki kwezokuthenga okubhekene nezinkampani eNingizimu Afrika ngokwama-South African Third-Party Logistics (3PLs),’ usho kanje. ‘Lokhu kuzokhomba izinhlelomasu ezisetshwenziswayo ukuze kuhlonzwe ubungcuphe kulo mkhakha ngoba lolu cwaningo luyingxenye yolunye ucwaningo oluncane oselwenziwe olubhekana nalezi zinselelo,’ kusho uMvubu.
Ugqozi lukaMvubu ngokufunda lusukela eminyakeni esafunda imfundo yamabanga aphansi kwaze kwaba semabangeni aphezulu lapho wayephasa ngamalengiso namanje usaqhubeka nokuphasa ngamalengiso ezifundweni zakhe. Asehlabane ngakho kuhlanganisa izitifiketi ezimbili zokunconywa yiDini ngokwenza kahle kwezokufunda ngonyaka wezi-2012 nowezi-2013; umklomelo wesitifiketi i-Golden Key international Honours Society ngokusebenza njengoMqondisi Wezokuthuthukiswa Kwabasebenzi ekomidini eliphezulu lophiko lwenhlangano e-UKZN; isitifiketi sobulungu be-International Distinguished Scholars Honour Society, waphasa ngamalengiso ephothula iziqu zeMastazi KwezoMnotho ngonyaka wezi-2015.
UMvubu ukholelwa kakhulu ocwaningweni, ukholwa ukuthi luzomcija kahle ocwaningweni lwakhe futhi athole nokuzomlekelela ekufezeni iphupho lakhe, izinjongo nezinhloso.
‘Ngizinikele kakhulu ekuqhubeni izimisompilo, nokusebenzisa izinhlelomasu eziqondene ngqo nesimo sase-Afrika, amanye amazwekazi kanye nomhlaba jikelele. Ngizimisele ukuba isifundiswa ukuze ngikwazi ukwabelana nabanye ngolwazi enginalo nokukhuthaza abanye abantu abasha ukuthi bazethembe ngibe ngenza ngcono isimo sezemfundo eNingizimu Afrika,’ usho enezelela.
Amagama: nguReatlehile Moeti
Isithombe: Abhi Indrarajan