
Umbhali Wezindaba Odumile uDkt Gcina Mhlophe uchaze izethameli ngezingoma ezihlaba umxhwele
Click here for the English version
Emcimbini wokugubha inyanga yabesifazane, iSikole sezeNkolo, ubuNzululwazi NezaseMandulo sihlele inkulumo yokukhuthaza esihloko sithi: Indlu Yomculo Nomthandazo ebithulwa isihlabani sombhali wezindaba saseNingizimu afrika uGcina Mhlophe.
Emva kokwethulwa yiDini neNhloko eyibamba yeSikole sezobuCiko uSolwazi Nobuhle Hlongwa, uMhlophe ubingelele izethameli ngengoma emnandi ekuyiyo elungiselele inkulumo yakhe.
Inkulumo beyigxile eqhazeni nendawo yabesifazane kwezenkolo (yobuKrestu) emphakathini ophethwe abesilisa. Lokhu ukukhombise ngokuxoxa ngokukhula kwakhe ekhaya lapho umthandazo nomculo kwakuyinsika.
Abesifazane ekhaya (omama) babebaluleke kakhulu ekukhuleni kwakhe, izifundo azifunda lapho zahlala naye impilo yakhe yonke. Abesifazane, ubathatha njengabanakekeli, abakhulisi futhi nabafundisi bezingane. Badlulisela izimisompilo nenqubo yokulunga kwabasakhula.
UMhlophe uyakubonga ukuba umuntu wesifazane. Ugcizelela nokuthi abesifazane banelungelo lokuba ngabafundisi bezingane zabo kuqala, ‘Bayizinqolobane zemvelo zothando'. UMhlophe uhamba umhlaba wonke kodwa akazikhohlwa izimfundiso zikamama wakhe.
Ukhale kakhulu ngokuqhakambiswa kwezibonelo nezimpawu zabesilisa (oMose, Pawulu) ezindabeni zenkolo nasezinkonzweni. Ukhulume ngokudingeka kokuhlonishwa kwabesifazane abafana noRibhekha, Esta, Ruthe njll. Ukuhlonishwa kwalezi zimpawu zabesifazane kuyabadlondlobalisa abesifazane.
Inkulumo yakhe bekungeyona nje eyezifundiswa kuphela kodwa ibigqugquzela abesifazane abasebasha ukuba basukume bathathe indawo yabo emphakathini. Amazwi kaMhlophe anobunkondlo abephelezelwa umculo ohlabe umxhwele izethameli. Izethameli zisale zigquqguzelekile futhi ziqine idolo ekuhlaleni zifuna uMdali ngezikhathi ezimnandi nezinzima.
Obhalile: Ziphezinhle Silindile Biyela and Nomcebo Mncube
Isithombe: Nomcebo Mncube