
Olunye Usuku Lwamahlaya Nomculo We-Jazz e-UKZN
Click here for the English version
Isizinda i-Centre for Jazz and Popular Music (CJPM) esiyingxenye yeSikole sezobuCiko yethule isiqephu sesthathu ochungechungeni lwemibukiso yomculo we-Jazz ohambelana namahlaya.
Lo mbukiso oyimizuzu engama-90 ubuye ngezinkani emva kwezicelo eziningi zokuthi ubuyiswe futhi uqoshwe ngqo ku-DVD.
Onguthisha e-UKZN futhi abuye abe usomahlaya u-Mo Vawda, obephethe uhlelo wangena emkhakheni wezamahlaya eminyakeni embalwa edlule lapho ayeba nemibukiso esezingeni eliphezulu, amahlaya ahlanzekile nolwazi lokulingisela abantu abanhlobonhlobo. Kungaba ukukhuluma ngezigemegeme zokuba udokotela (kwezezibalomidanti), impilo yomshado, ukuhlala eNingizimu Afrika, noma ukuvakashela phesheya, lena yindoda yeSulumane eziqhenyayo futhi eba ngundabuzekwayo ngesisivinini kulo mkhakha.
‘Umbukiso ubalule izehlakalo zasezweni nangempilo yasekhempasini,’ kusho uVawda. ‘Ukhuluma nentsha nabadala ngamahlaya nomculo we-jazz. Umbukiso futhi unengxenye ethokozisayo lapho kunomculo wokunandisa.’
Obekuhamba phambili kulombukiso, u-Troy Tesla ukhulume ngezihloko ezisematheni embukisweni wakhe awethula yedwa: U-Afrika. Imibukiso eyesekayo ibihlanganisa usomahlaya waseThekwini u-Kamz Govender, nozibiza ngo ‘fresh Prince of Umbilo’ u-Bob Perfect, no-Kwanda Radebe ogqame emkhakheni wamahlaya emva kokuphumelela imincintiswano i-Durban Young Guns Comedy Showdown ne-Next Comedy Generation ngonyaka wezi-2015 nowezi-2017.
Umculo obunandisa ubuhlanganise abafundi base-UKZN abebeholwa uthisha wabo wephimbo uNkz Thulile Zama, lapho beqhulule izingoma ezinhlobonhlobo ezisukela kumculo we-jazz kuya kwezabanye abaculi kanye nezasekhaya bephelezelwa umdlali wepiyano u-David Smith.
UZama, ocula phambili eqenjini labesifazane bodwa le-jazz i- Heels Over Head, uphinde ahole iqembu i-Makeba Tribute Band edlala izingoma zika-
Mama Africa ezweni lonke.
Amagama ngu: Melissa Mungroo