
Umhlangano Wokucobelelana Ngolwazi ULekelele Ekucijeni Othisha Ngamakhono Okweluleka Abafundi
Click here for the English version
Umkhakha weZokunyakazakomzimba, Ezokuzivocavoca Nokuqeda Isizungu eSikoleni Sezifundo ZezeMpilo ubambe umhlangano wokucobelelana ngolwazi weqembu labaluleki babafundo kwezocwaningo obuhlose ukuthuthukisa amakhono okululeka abafundi nokuba yingosi lapho ababambe iqhaza becobelelana khona ngolwazi nasebedlule kukho.
Kulo mhlangano wesibili obubanjelwe ekhempasini yase-Westville futhi obuhanjelwe othisha baseSikoleni Sezifundo ZezeMpilo, uSolwazi Michael Samuel womkhakha Wezifundo zokuthuthukiswa KoThisha eSikoleni SezeMfundo ukhulume ngaseke wahlangabezana nakho futhi wacaphuna nasethuluzini lakhe lezocwaningo elibizwe nge-The Research Wheel. Leli thuluzi lathuthukiswa ukuze lilekelele abaluleka abafundi nabafundi uqobo uma benza umsebenzi wabo bawenze ngendlela ehambelanayo futhi enokucophelela ekuphathweni kwezifundo.
U-Samuel usesebenze njengomdwebi wohluzifundo lwamaqoqo eziqu zeMastazi nezobuDokotela lapha ekhaya naphesheya kwezilwandle. Ubeyilungu leKomidi LikaNgqongqoshe Lezokufunda KoThisha elekelela ekwakhiweni kwenqubomgomo yezokuqeqeshwa kothisha eNingizimu Afrika futhi useke wasebenza njengeDini yezeMfundo e-UKZN.
Ucwaningo lwakhe lugxile kakhulu ekuthuthukisweni kothisha, Imfundo Ephakeme, umlando ngempilo nohlaziyozindaba.
Incwadi yakhe ethi: Life History Research: Epistemology, Methodology and Representation, isigqugquzele ucwaningo olubheka ezokuthuthukiswa kwabasebenzi bezemfundo nezifundo zezempilo.
Enaba ngezinhloso zeqembu labaluleki onguMholi Wezokufunda uDkt Rowena Naidoo uthe uqale ukwakha leli qembu ngenhloso yokuhlinzeka abaluleki ngokuzobasiza bathuthukise ikhono labo futhi bacobelelane ngolwazi. ‘Leli qembu lasungulelwa ukuba libe yingosi lapho abasebenzi bebeka khona izinselelo ababhekana nazo uma beluleka abafundi nokuphuma nezisombululo zalezo zinselelo.
‘Bonke abasebenzi bavulelekile ukubamba iqhaza emihlanganweni yeqembu,’ kusho u-Naidoo.
Words by: Lihle Sosibo