Inhlangano I-Durban Research Action Partnership (D’RAP) Iklonyeliswe Ngesitifiketi Emcimbini Wama-Eco-Logic Awards
Click here for the English version
Inhlangano i-D’ARP iklonyeliswe ngesitifiketi emcimbini wokuklomelisa abezomkhakha wezokulondolozwa kwemvelo ama-Eco-Logic Awards lapho bekuhlonishwa imisebenzi abayenzayo ekwakhiweni kwemvelo enekusasa. Lo mcimbi ububanjwe yinhlangano i-Enviropaedia, ubungowokuhlonipha futhi uklomelise nabenza umsebenzi oncomekayo okungabantu nezinhlangano kwezokuvikelwa kwemvelo nokwakhiwa komnothomvelo waseNingizimu Afrika.
I-D’RAP beyingenye yezinhlangano ebezikowamanqamu emkhakheni woMasipala, kunikezelwe ngemiklomelo emikhakheni eyishumi nantathu ebiklonyeliswa. I-D’RAP ingumsebenzi wokubambisana phakathi kukaMasipala WaseThekwini kanye neNyuvesi YaKwazulu-Natali (obandakanya abasebenzi abevile emashumini amabili) owasungulelwa ukuqeqesha nokuthuthukisa ulwazi olukhona emikhakheni ebalulekile kakhulu ephathelene nemvelo esifundeni saseThekwini ngokusebenzisa imisebenzi yocwaningo.
‘Lokhu kuhlonishwa kuyizindaba ezimnandi kubo bonke abebebambe iqhaza futhi kufakazela izinga eliphezulu lomsebenzi owenziwa amaqembu ahlanganise izisebenzi zikamasipala nezaseNyuvesi,’ kusho u-Errol Douwes, onguMphathi wophiko lweze-Restoration Ecology kuMasipala WeTheku
OnguMhleli we-Enviropaedia nokunguye obehlele lo mcimbi u-David Parry-Davies, utuse abaklonyelisiwe ngokuba amaqhawe ezokulondolozwa kwemvelo athatha izinselelo kwezemvelo aziguqule zibe amathuba okwakha izisombululo eziyingqayizivele futhi eziletha intuthuko enekusasa.
Abehluleli bekungabaphathi abakhulu emkhakheni wezemvelo, amabhizinisi, uhulumeni kanye nezokuxhumana obekuqinisekisa ukuthi uhlelo lokwahlulela luhamba ngendlela eqondile futhi ehlelekile.
I-D’RAP isisungule imisebenzi eminingi ehlose ngayo ukuletha izinguquko kwezemvelo ngokuhlomisa abafundi ngolwazi kwezempilokuhlukana, isimo sezulu ngokwenkathi kanye nabantu ezindaweni eziya ngokuguquka ziba amadolobha. Igxile kakhulu kwezesayensi eletha izisombululo elekelela amadolobha ukuthi akwazi ukulondoloza imvelo futhi alwisane nokuguquka kwesimo sezulu. Ubuholi basekhaya kanye neziphathimandla zikaMasipala weTheku sezikhombise ukuqonda okujulile ngokwesekela ucwaningo oluqhamuka nezisombululo ezintsha futhi oluhlanganisa imikhakha ehlukene. Lokhu kuholele ekusungulweni kwe-D’RAP ebhekana nezinselelo ezingumthelela wokukhula kwesibalo sabantu nokuguquka kwezindawo ziba amadolobha, kulesi simo, lobu budlelwano bubaluleke kakhulu ukuqinisekisa imiphumela ezokweseka imiphakathi yeTheku nemvelo yakhona.
I-D’RAP iqale imisebenzi emithathu emikhulu: i-KwaZulu-Natal Sandstone Sourveld (KZNSS) Research Programme, i-Buffelsdraai Community Reforestation Project kanye ne-Global Environmental Change (GEC) Research Programme.
I-D’RAP ikhombisa ukubaluleka kokukhulisa izinga lokuqhuba ucwaningo esifundeni ikakhulukazi ngokuqeqesha abafundi abangamashumi amahlanu nanye – ukuze bathole iziqu eziphakeme. Lokhu kungumphumela omuhle kakhulu emkhakheni entula amakhono kwezemvelo nezempilokuhlukana lapho ukuqeqesha nezokuphatha zibaluleke kakhulu ukuze kuthathwe imiphumela yocwaningo isetshenziswe ukuze kube nezisombululo ezibonakalayo.
I-D’RAP isebenzisa ukubambisana kwezikhungo ezihlukene ukuze kukhiqizwe ulwazi, kuqeqeshwe abantu futhi kuvalwe negebe phakathi kwezocwaningo lwesayensi, ukwakhiwa kwenqubomgomo nezokuphatha emkhakheni wezohulumeni basekhaya.
Ibhalwe: ngu-Christine Cuénod
Isithombe: ngu-Errol Douwes