
Isikole SeZiqu ZamaBhizinisi NobuHoli Sibe Nomcimbi Wokuxhumana
Click here for the English version
Abaholi emabhizinisini, abaphathi, osomabhizinisi, nosozimboni bafike besuka KwaZulu, KwaDukuza, naseMgungundlovu ukuzothamela lo mcimbi WeSikole Kwezeziqu SezamaBhizinisi NobuHoli. Kulo mcimbi banikezwe ulwazi nemininingwane mayelana nezifundo zabaneziqu abangazibhalisela eSikoleni.
Lo mcimbi uholele ekuxhumaneni kothisha nabaphathi beSikole nomuntu ngamunye nabazimisele ukuba abafundi abevile ekhulwini mayelana nezinhlelo zezifundo ezikhona ezihlanganisa iziqu zeMastazi KwezokuPhathwa KwamaBhizinisi nezeMastazi KwezoMnotho, iziqu KwezeNtuthuko Yezifunda NaseKhaya, amadiploma kwezobuholi kanye nokuphathwa kwamabhizinisi kanye neziqu zobudokotela.
Enkulumweni yakhe yokwamukela, oyiDini eyiNhloko YeSikole, uSolwazi Theuns Pelser, ugcizelele ukuthi kungani kubalulekile ukubhalisa kulesi sikole kuyisinyathelo sokuqala sabaholi abavelele abaphokophelele ekuthuthukiseni izinga labo emsebenzini.
‘Sinezinhlelo eziholwa osolwazi nabasebenzela ezimbonini abaphezulu. Ngikholwa wukuthi siyinyuvesi ebiza imali yokufunda ekahle, futhi sikholelwa ezingeni okuyilo elisiholayo futhi. Imali yethu yokufunda yiyo eyenza isikhungo sethu sibe ngesihamba phambili kwabakhetha ukuthatha lezi zifundo okuyingakho nginethemba lokuthi sizobonana lapha ngonyaka ozayo,’ usho kanje.
Ephawula ngokuthi ukuqoqwa nokwabiwa kolwazi kubaluleke kangakanani, omunye wabebehambele lo mcimbi uMnu Lindani Dludla noNkz Noluthando Sithole bathe abakuthole eSikoleni bekungagcini nje ngokubanika ulwazi kodwa kubanike nokuqonda okukhulu mayelana nemikhakha abafuna ukuyilandela ekuthuthukeni kwabo njengabantu nasemsebenzini.
‘Lo mcimbi uvula amehlo ngoba njengoba singabafundi, asiwazi amathuba akhona esingawathola. Ngikholelwa ekuqhubekeni nemfundo uma sengineziqu kodwa inkinga kuba ukuthi sithanda ukuqhathanisa namanye amanyuvesi sikhohlwe ukubheka izinga nokulethwa kwezidingo emanyuvesi ethu lapha e-KZN’ kusho uDludla.
USithole ugcizelele ngokuthi lo mcimbi wakhe nendawo yokuxhumana nabanye kanye nokwabelana ngemibono.
‘Umcimbi ubuyindawo enhle yokuthi abantu bazofunda mayelana nokuthuthukisa amabhizinisi, ukuphatha namakhono obuholi adingeka ezindaweni zokusebenza,’ usho kanje.
Ibhalwe ngu-: Thandiwe Jumo benoSibonelo Shinga