
Umkhakha WezobuNjiniyela BezeNgqalasizinda Wakha Ubudlelwano Nezimboni
Click here for the English version
Isizinda i-Hub for the African City of the Future (AfriHub) ibe nomcimbi obuhlose ukudlondlobalisa ukusebenzisana phakathi kwemikhakha yosomabhizinisi abazimele kanye nohulumeni ngokubalula umkhankaso weNyuvesi i-KwaZulu-Natal University Civil Support (KNUCS). Lo mcimbi obubanjelwe elebhu entsha yezesayensi esebhilidini i- Centenary Building ekhempasini i-Howard College, ababengabafundi basenyuvesi, abamele izinkampani zangasese, abomkhakha wezokwakha nowezengqalasizinda bebehlangene ndawonye kwakhiwa ubuhlobo obusha, kukhunjulwa nezakudala futhi baphinde baziswa ngokusha okwenzekayo esikhungweni.
‘Eminyakeni edlule umkhakha wezobunjiniyela bezengqalasizinda e-UKZN ucabe indlela yezokuqamba kabusha, ukudweba nempumelelo kwezebhizinisi emhlabeni wonke,’ kusho umphathi we-AfriHub uDkt Rudi Kimmie. Ukuqinisekisa ukuqhubeka kwalokhu, izinjulabuchopho zalo mkhakha zasungula i-KNUCS Fund ngonyaka we-1989. ‘Ukuhlelwa kabusha kokwabiwa kwezimali emkhakheni wezemfundo ephakeme, ukuntuleka kwabasebenzi abanekhono eliphezulu abangena emkhakheni wezokufundisa nokusweleka kwezinsiza zokwenza ucwaningo oluyingqophamlando, kube yizinselelo ezinkulu ekukhuleni nomphumela wohlelo lwezobunjiniyela bezengqalasizinda e-UKZN,’kusho u-Kimmie. ‘Ukwesekwa kwe-KNUCS Fund kuzoba nomthelela omkhulu emkhakheni wezalobu bunjiniyela e-UKZN ngokuqinisekisa ubunyoninco kwabathola iziqu zalo mkhakha nokuthuthukisa ezocwaningo eziyingqophamlando.
Inhloso ye-KNUCS Fund ukuthuthukisa ubunyoninco kwezokufundisa nocwaningo ngokusekela ezokufunda namakhono ezokufunda eNyuvesi. Lesi sikhwama siqinisekisa ukuthi umkhakha wezobunjiniyela bezengqalasizinda ngokuheha abaxhasi ngezimali nezinye izinhlobo zoxhaso ezinkampanini, nabantu abangaphakathi kwemikhakha yezobuNjiniyela bezeNgqalasizinda, ezoKwakha nezokuKweluleka.
Abebeyizihambeli eziphambili zalo mcimbi bekungu Sekelashansela Nomphathi we-UKZN Albert van Jaarsveld; oyiDini YezobuNjiniyela uSolwazi Cristina Trois; umholi womkhakha uSolwazi Derek Stretch; noMqondisi Ophethe we-Raubex KZN noSihlalo we-KNUCS Fund, uMnu Kevan Rocher.
Umcimbi bewuxhaswe abakwa-Raubex, okuyinkampani yezokwakha esebenza kulo lonke izwekazi lase-Afrika egxile ekuthuthukisweni kwengqalasizinda.
‘Ukwesekela i-KNUCS kunenzuzo eNyuvesi nemboni yezobuNjiniyela bezeNgqalasizinda,’ kusho u-van Jaarsveld. ‘Uma izibonelelo zemali ezibhekiswe ku-KNUCS Fund zingathola isephulelo sentela ngokweSigaba 18A se-Tax Exemption futhi zithole namaphuzu e-BBBEE.’