
Abafundi BezoMthetho baklomele ngemifundaze yeMandela Rhodes
Click here for the English version
Abafundi ababili baseKolishi Lezifundo ZoMthetho Nezokuphatha e-UKZN oNkz Shamila Mpinga benoNkz Simone Gray, baphumelele ngamalengiso baphinde baklomeliswa ngomfundaze i-Mandela Rhodes Scholarship.
UMpinga uthole iziqu ze-LLB lapho ephumele ngo-summa cum laude kanti u-Gray uphothule eze-LLM ngo-cum laude.
UMpinga uthe impumelelo yakhe ayimethusanga neze ngoba wayevele ehlelile ukuthi uzophumelela ngamalengiso kusukela ngosuku lokuqala efika enyuvesi.
‘Ngangena enyuvesi ngizibona ngiphuma neziqu ze-LLB ngo- summa cum laude. Kungumuzwa othokozisa kakhulu ukwazi ukuthi ngikufezile engangikuhlelile okuyimpokophelo yami.’
Uthe ukusebenza kanzima, ukuzinikela kanye nenhlonipho yizona zinsika ezinqala empumelelweni yakhe. Akusiyo into entsha kuye ukuthola imifundaze, waklonyeliswa ngomfundaze kaSekelaShansela onyakeni wesibili wezifundo zakhe.
UMpinga uthe uthokoze kakhulu ngomfundaze wonyaka wezi-2017 iMandela Rhodes Scholarship. ‘Ngajabula kakhulu ukuzwa ukuthi name ngiqokwe neqoqo langonyaka wezi-2017. Ngizizwa ngihloniphekile ngokuba umfundi weMandela. Kuze kube yimanje, konke kusahamba kahle kakhulu.’
U-Gray uthe uphelelwe amazwi ngoba nangaphambilini waphasa ngamalengiso ephothula iziqu zakhe ze-LLB.
‘Ngizizwa ngithokozile futhi ngithobekile ngokuphasa ngalendlela kuzona zombili iziqu zami. Bekuwuhambo oluhle kakhulu e-UKZN futhi ngizizwa ngihloniphekile ngokusebenzisana nabasebenzi abagqugquzelana ngalolu hlobo.’
Uthe umfundaze umethusile ngoba ubengawulindele neze yize noma ebezazi ukuthi usebenze kanzima kakhulu. Ubonge kakhulu ngoba ubona ukuthi lo mfundaze uzomnika ithuba lokuhlangana nabaholi abasha kuzodingidwa izindaba ezisematheni.
Kubaluleke kakhulu ukunikezwa leli thuba eliyingqayizivele lokuzithuthukisa nokuzikhulisa. Ngithokoze kakhulu ngethuba lokuqhuba izifundo zami emunxeni wezamalungelo abantu nokukhula njengomuntu nomholi.’
Abafundi bobabili benza izifundo zabo eNyuvesi yaseKapa. UMpinga wenza iziqu zeMastazi kwezoMthetho weziMbiwa kanti ulindeleke ukuqala umsebenzi wama-athikili kwa-Bowmans uma ephothula iziqu zakhe, kanti u-Gray wenza iziqu ze-LLM kwezoMthetho Wamalungelo Abantu.
‘Bengingeke ngikufeze konke lokhu ngingedwa. Ngibonga umndeni wami, abangani nothisha bas-UKZN. Ngizizwa ngithobekile futhi ngiyabonga ngokwesekwa engikutholile,’ kusho uMpinga.
UGray uthe ubonga umndeni wakhe, ikakhulukazi umama wakhe, abangani bakhe ngokumeseka, abasebenzi base-UKZN eMgungundlovu emnyangweni wezoMThetho ngokumgqugquzela ngempela, nomeluleki wakhe uNkz Suhafya Bhamjee ngokumkhuthukaza kanye noNkz Robynne Louw wasesikhungweni sabaneziqu.