
I-UKZN Ibambe Uhlelo Lokugubha Usuku Lomhlaba Lwesifo Sofuba
click here for the English version
Inhlangano yabafundi bezokwelapha i-South African Medical Students Association (SAMSA) e-UKZN ibe nohlelo losuku lomhlaba lwesifo sofuba obelunesihloko esithi: "United to END TB".
Inhloso yalo mcimbi obubanjelwe e-Nelson R Mandela School of Medicine, bekuwufundisa ngesifo sofuba nezinto eziphathelene naso.
‘Ngokwe-World Health Organisation (WHO), abantu abayingxenye eyodwa kokuthathu emhlabeni banegciwane lofuba i-mycobacterium tuberculosis (Mtb) futhi ngonyaka wezi-2015 uwodwa kulinganiselwa ezigidini ezingama-10.4 zezehlakalo ezintsha zokusuleleka ngaleli gciwane,‘ kusho inhloko yeze-Medical Microbiology e-UKZN kanye ne-National Health Laboratory Services, uSolwazi Koleka Mlisana.
‘Abantu abayisigidi nesigamu 1.8 babulewe yisifo sofuba ngonyaka wezi-2015 kulabo bantu abangama-400 000 babenegciwane le-HIV.’
UMlisana ukhulume ngokuguquka kwegciwane lofuba, ukuhlonzwa kwalo nokusulelana kwalo.
USolwazi wase-UKZN uPrakash Jeena wethule inkulumo ebikhuluma ngesifo sofuba emhlabeni jikelele ikakhulukazi ukubaluleka kwaso kubafundi bezokwelapha ikakhulukazi ngoba babhekana nengcuphe yokusuleleka ngaso.
UJeena ubalule izimo zenhlalompilo ezivuna ubuncuphe njengokungabi bikho komoya ohlanzekile, ukumpintshana kwabantu ezikhaleni ezincane, ukuntuleka kwelanga, ukubhema, ukuthintana negciwane isikhathi eside, ukusweleka kwamagumbi okukhwehlelela nobungcuphe obubhekene nabasebenzi abangabanakekeli bezempilo bokuthola igciwane lofuba.
Uthe kunesidingo esiphuthumayo sokubhekana nengxubekwelapha yesifo sofuba.
Umcimbi uqale ngomzuzu wokuthula lapho kukhanyiswe amakhandlela. Lokhu kulandelwe ukunikezelwa okokumboza amakhala nomlomo, okunamathiselwayo nama-flash drives aqukethe imihlahlandlela emisha yezempilo.
UMnu Siyabonga Sibusiso Shongwe ukhulume ngesihloko esithi : “Khetha ukuphila", kanti uMnu Masilo Sekhula ukhulume ngesithi: "Izifiso zesiguli seTB”.
Odokotela noSolwazi babambe amasimpoziyamu lapho abacwaningi bakwa-CAPRISA bathule izinkulumo. OyiNhloko yohlelo i- Treatment of Research Programme kulesisikhungo, uDkt Kogieleum Naidoo, ukhulume ngokuhlonzwa, ukwelashwa, ukulawulwa nokuvikelwa kwaso kanti iNhloko yophiko i- Pathogenesis and Vaccine Research, uSolwazi Koleka Mlisana, ukhulume ngokuguquka kwalesi sifo, ukuhlonzwa kwaso kanye nokwesulelana kwaso.
Umcimbi uphethe ngokusikwa kwekhekhe lesikhumbuzo namazwi okubonga abethulwa ngu-Nkz Darsha Kistan.