
Umbulalazwe Wezithombe zocansi Oluthinta Izingane Ucutshungulwe Emhlanganweni Obuse-UKZN
Click here for English version
I-UKZN ibe nomhlangano womphakathi oyingxenye yomkhankaso wokuqwashisa umphakathi mayelana nokusetshenziswa kwezingane kwezocansi nokuphulwa kwamalungelo ezingane njengoba kuyinyanga yamalungela abantu.
Ithimba ebelihola izinkulumompikiswano belihlanganise oDkt Monique Emser wase-Nyuvesi yase-Free State, Ummeli Dawn-Coleman Malinga we-National Prosecuting Authority noNkz Thora Mansfield wesizinda i-Open Door Crisis Care Centre.
U-Emser ukhulume ngendlela i-inthanethi esiguqule ngayo ukusatshalaliswa kokusetshenziswa kwezingane kwezocansi osekwenze kwaba ubugebengu obusabalele umhlaba wonke.
Uxwayise ngokufakwa kwezithombe zezingane ezinkundleni zokuxhumana ngoba sekuke kwaba namacala lapho izithombe ezimsulwa ezisesizindalwazini sesonto zaguqulwa kwathathwa ubuso bezingane bafakwa ezithombeni zocansi ezivele zikhona.
U-Emser ugqugquzele ukuqiniswa kobumfihlo bokufinyelela ezinkundleni zokuxhumana nokungadaluli lapho ukhona noma ukudalula lapho ufika endaweni ku-facebook.
U-Coleman-Malinga ubalule iminxa exhumene nokukhiqizwa nokusatshalaliswa kwezocansi oluthinta izingane. Uthe wonke umuntu unomsebenzi wokubika konke okuhlobene nocansi oluthinta izingane.
Uphinde wabalula izindlela abaheha ngazo izingane labo abayizigilamkhuba okubandakanya ukunikwa kwezingane izipho eziphambili. Lokhu kuyindlela esetshenziswa yizigilamkhuba futhi ucansi noma ucansi oluthinta izingane luyasetshenziswa,’ usho kanje.
U-Mansfield uthe ‘abantu abatholakala benecala kuba obaba, obhuti, nomalume. Uthe i-Open Door Crisis Care Centre ibhekane nokukhala buthule kwezingane kanye nemindeni esihlakazekile..’
Isizinda silekelela ngokwelapha, ukuvuselela nangendawo yokukhosela ehlala abayizisulu zokuhlukunyezwa nokuthunjwa.
U-Mansfield ukhuthaze labo abanesifiso sokwazi kabanzi ngesizinda nemisebenzi yaso ukuba bavakashele isizindalwazi saso ku- www.opendoor.org.za ukuze bacaciseleke kangcono ngomsebenzi owenziwa yisizinda ukulwisana nokuthunjwa nokuhweba ngabantu
Weluleke abazali ukuba baqaphelisise futhi baqaphe omakhalekhukhwini bezingane nokusebenzisa kwazo i-inthanethi okuyikho okusetshenziswa ekuheheni izingane.
Lo mcimbi obukhombisa nombukiso mayelana nenkulumo enocansi ezinkundleni zokuxhumana ubuhlelwe uMnyango wezobuDlelwano e-UKZN kanti ubuphethwe uUmmeli Victoria Balogun waseSikoleni sezoMthetho.
ngu-Raylene Captain-Hasthibeer