
Umhlangano Wokucobelelana Ngolwazi Ugqugquzela Imithetho Yezempilo Nokuphepha Kubasebenzi Basemalebhu
Click here for English version
Ezempilo nokuphepha kwazo zonke izisebenzi zaseNyuvesi kuyilungelo elibalulekile kakhulu, ngokusho konguMphathi Wezokusebenza eKolishi LezeSayensi YezeMpilo uNkz Metse Serumula.
USerumula ubehlele umhlangano wokucobelelana ngolwazi lokuPhathwa Kwemfucuza Enobungozi obuhanjelwe ochwepheshe basemalebhu abangama-30 kanye nonompilo baseSikoleni i-Nelson R Mandela lapho bekudingidwa ngokufanele nokungafanele ukwenziwa emalebhu.
Izinhloso yomhlangano bekuwukugcizelela ukubaluleka kwezimiso zezempilo nokuphepha ekumele zilandelwe uma kusetshenzwa ngezinhlobonhlobo zemfucuza enobungozi (engamakhemikhali noma ephilayo). Uphinde wagcizelela ukubaluleka ngokuqashelwa kwabafundi nezisebenzi ngamakhamera uma besebenzisa lamalebhu.
Kudingidwe imithetho esebenza uma kusetshenziswa, kugcinwa noma kulahlwa amakhemikhali anobungozi ngoba nayo iyingxenye yezempilo nokuphepha kwazo zonke izisebenzi.
USerumula uthe : ‘Gwema ukuthatha ubuthi ubuyise ekhaya ngokugeza izandla, umzimba nokushintsha okugqokile ngaphambi kokuya ekhaya. Uma kungenzeka, izimpahla zokusebenza mazihlanzwe eceleni zingahlanganiswa nezasekhaya, hlinzekela nokuphathwa kokuchikile elebhu, hlukanisa amakhemikhali angahlangani, gcina amakhemikhali endaweni engezansi kokubuka kweso ngobude futhi qikelela ukuthi kuhlale kusesimweni esifanele sokusebenza.’
Ingena kanjani ikhemikhali emzimbeni? Ingena ngesikhumba, amaphaphu nangesinye isikhathi ngomgudu wokudla, ngokusho kwabaqeqeshi ngezemfucuza engamakhemikhali nabebephethe umhlangano,’ kusho uNkk Laura Taylor.
UTaylor ukhumbuze abasebenzi ukuthi kunesikhathi esinqunyiwe sokusebenza ngezinto ezinobungozi uma usebenza elebhu.
UDkt Sean Cheevers onguNgoti wezokweLapha Emsebenzini uthe:’Sinomthetho omuhle kwezokuqapha ezempilo eNingizimu Afrika kodwa awunakiwe. Kubalulekile ukuba nekhophi yezimiso etafuleni lakho uma usebenza elebhu.’
UNkz Favourite Chonco wakwa-Compass Waste Services wethule inkulumo ngeminxa ehlukene ngokunakekelewa kobungcuphe kwezempilo nobungozi nokusetshenziswa kokuqukatha imfucuza okuhlinzekwa yinkampani yabo.
Umhlangano ubuye wadingida nezinqubo zokuqapha kanye nezesimo esibucayi.
Abebebambe iqhaza baseThekwini, eMgungundlovu ngisho naseMtubatuba bathe bazuze lukhulu kulesi sifundo sosuku.