Abasebenzi be-FSG (kusukela kwesobunxele) Nkz Temakholo Mathebula, Nkz Nellie (Nelisiwe) Khumalo, Nkz Bukelwa Groom (abahleli phansi), Nkz Nonhlanhla Mthembu, Nkz Avrashka Sahadeva and Nkk Gail du Toit.Iqembu Labasekela Abalimi Likhuthaza Ukuxhaswa Kwezenhlanzeko Yabesifazane Ngosuku lukaMandela
Click here for English version
Iqembu Elisekela Abalimi i-FSG eSikoleni SezeSayensi YezoLimo, EzoMhlaba NeMvelo e-UKZN ligqugquzela ukwesekwa komkhankaso wokuhlinzekwa kwezidingo zenhlanzeko yabesifazane ezikoleni ezindaweni ezisemaphandleni lapho lisebenza khona njengomkhankaso wokugubha usuku i-Mandela Day.
Leliqembu liqokelele okudingwa abesifane kwenhlanzeko futhi lamukele noxhaso lwezimali lapho lithenga lezi zidingo egameni labasebenzi abaxhasile njengengxenye yokubamba iqhaza ekuzameni ukubhekana nesidingo emiphakathini entula kakhulu emaphandleni aseNingizimu Afrika. Uma kunikezelwa ngalezi zidingo eziningi kumantombazane ahlala kulemiphakathi, lokhu kusho ukuthi amathuba okuthi lamantombazane aphuthe esikoleni nawo ayancipha uma amantombazane eya esikhathini.
I-FSG ibike ukuthi ithole ukwesekwa okukhulu okuvela kubasebenzi abafundisayo nabangafundisi ngisho nakubafundi kanye nabasebenzi abahlanzayo imbala.
‘Owesifazane ohlanza ihhovisi lethu, uNellie, usisekele kakhulu,’ kusho uNkk Gail du Toit we-FSG. ‘Uhlanganise abangani nozakwabo ukuthi baphose esivivaneni waphinde wazijuba ukuthi ayothenga okudingekayo.’
I-FSG inethemba lokuthi izothumela lezi zimpahla ezikoleni zase-Bergville naseMsinga lapho isebenza khona kakhulu.
Iminikelo yamukelekile kanti ingalethwa emahhovisi e-FSG esakhiweni i-CEAD/Forestry ekhempasini yease-Pietermaritzburg. Iminikelo ewukheshi yama-R10 isikhwama nayo yamukelekile futhi ingalungiswa ngokuxhumana no-Gail du Toit lapha DutoitG@ukzn.ac.za, noma ucingo 033-260 6277.
Ngu-Christine Cuénod



