
USolwazi David McQuoid-Mason Ulethe Ukufundiswa Komthetho Wasemgwaqweni eFiji
Click here for English version
Umqondisi Oyibamba eSizindeni Sezifundo Zomthetho Obhekele Ezomphakathi e-UKZN, uSolwazi David McQuoid-Mason ubambe imihlangano yokucobelela ngolwazi lwezomthetho wasemgwaqweni nezifundiswa zomthetho nabasebenza nomphakathi eNyuvesi YaseNingizimu nePhasifikhi eSuva, iNyuvesi YaseFiji neKhomishana Yosizo LwezoMthetho YaseFiji.
Ukuqeqeshwa bekubandakanya uMcQuoid-Mason efundisa abebebambe iqhaza ngokusebenza kwezindlela zokufundisa ezisamthetho wasemgwaqweni.njenge:
* Izindlela ezinhlobonhlobo zokufundisa ,ezihlanganise amaphepha anemibuzo nezimpendulo, ukuze afundise ababambe iqhaza ezindleleni zomthetho othinta ngazo izimpilo zabantu zansukuzonke.
* Ukuxoxisana nababambe iqhaza ukuze bakhiphe uhlu lwezindlela zokufundisa ezinokuxhumana.
* Umdlalo okhombisa ukuthi kungani kunesidingo semithetho emiphakathini nokuthi yizinhlobo ezinjani zemithetho ezitholakala emithethwenisisekelo eyakhiwe ngokwentando yeningi nokuthi ixhumene kanjani nomthethosisekelo waseFiji.
* Ukwenza ababambe iqhaza bakhe izinkulumo eziqondile mayelana nodaba oluyindida noma banxenxe abanye
* Ukulingisa isimo esikhombisa udlame lwasemakhaya nokuthi lubikwa kanjani.
Abebebambe iqhaza baphinde bafundiswa ngezingxenye zesifundo esifanele sokuqonda ngomthetho womphakathi esibandakanye umthetho, inqubomgomo, ukungqubuzana kokungamagugu, amasu anokuxhumana nezeluleko eziqondile
UMcQuoid-Mason uthe le mihlangano yokucobelelana ngolwazi ibalulekile kubantu abasebenza ngomthetho ngoba bafanele ukuhlala benolwazi olufanele ngokwenzakala emthethweni wasemgwaqweni nokungazuzwa uma kusetshenziswa izindlela ezinokuxhumana.
'Umhlangano wokucobelelana ngolwazi ubuhlelwe ngendlela ebihlose ukuqinisa ukutholakala kosizo lwezomthetho eFiji ngokuqeqesha abafundisa ezomthetho nabasebenzi abahlinzeka ngosizo lwezomthetho ngezindlela ezifanele zokufundisa umphakathi ngomthetho namalungelo abantu Lokhu kufundisa kuqinisa ezomthetho nokuthembeka kohlelo lwezomthetho eFiji ngokukhombisa ukuthi abantu abampofu nababandlulekile bangaluthola kanjani usizo lwezomthetho uma beludinga,’ usho kanje.
Abebebambe iqhaza baphinde bafundiswa ngezingxenye zesifundo esifanele sokuqonda ngomthetho womphakathi esibandakanye umthetho, inqubomgomo, ukungqubuzana kokungamagugu, amasu anokuxhumana nezeluleko eziqondile. Emva kwalokho bakhonjiswe ukuthi lungakhiwa kanjani uhlelosifundo sokuqwashisa esinesihloko, izinhloso, okuqukethwe, amasu okuxhumana, okuyizinsiza ezidingekayo, nokuhlola.
Abebebambe iqhaza bahlukaniswe amaqembu ayisithupha base behlela isifundo esingamashumi amathathu ubude abasithulele abanye ozakwabo, lesi sifundo sibe sesidingidwa umuntu wonke kanye no-McQuoid-Mason.
nguThandiwe Jumo noSolwazi David McQuoid-Mason