Abafundi bonyaka wesibili besemkhankasweni wasePhoyinti.Abafundi Bezobuhlengikazi Bagqugquzela Ezempilo Kwabangenamakhaya
Click here for English version
Abafundi ebenza unyaka wesibili weziqu zobuHlengikazi e-UKZN bethule umdlalo weshashalazi ohambisana nohlelo olubaxhumanisa nabantu abangenamakhaya abahlala ePhoyinti eThekwini, lapho bebegcizelela ukubaluleka kwenhlanzeko yomuntu nobungozi bocansi olungavikelekile nokusetshenziswa kwezidakamizwa.
Abafundi abangama-22 abafundela ukuba abahlengikazi abebeholwa uMnu Nhlanhla Ngubane babe nomcimbi njengengxenye yomsebenzi wokusebenzisana nomphakathi endlini yesonto eku-Point Road.
UNkz Ntombizine Dazela uthe basungula lolu hlelo lwabangenamakhaya emva kokuhlola umphakathi bebheka okushodayo nokuyizidingo zawo.
‘Emva kokubhekisisa isimo nokuxoxisana nobuholi bomphakathi sabalula okuthathu kwenhlalo okwakudinga ukuthi sibhekane nakho ngokushesha: inhlanzeko, izidakamizwa, nokusabalala kwengculazi ebantwini abangenamakhaya,’ kusho uDazela.
Umdlalo weshashalazi bewumayelana nenhlanzeko, ubungozi botshwala nokuthi bungaholela ocansini olungavikelekile. Umdlalo ubukhombisa ukuthi utshwala nezidakamizwa kuholela kanjani ekuthatheni izinqumo ezingalungile nokungqubuzana emindenini.
Emva komdlalo weshashalazi kube nokuxoxisana komuntu ngamunye phakathi kwabangenamakhaya nabafundi ezikhumulweni ezintathu ebezihleliwe.
Esikhumulweni ebesibhekene nenhlanzeko, abantu bebefundiswa ngokubaluleka kokuzithanda nenhlanzeko. Babuye batshelwa nangokubaluleka kokugqoka izimpahla ezihlanzekile nokugeza izinwele nezandla nsukuzonke ukuze bagweme isifo sesikhumba nezintwala.
Esikhumelweni sengculazi bafundiswe ngokusetshenziswa kwamakhondomu nokuzivikela. UNkz Thandokuhle Ntshangase uthe:’ ingculazi isabalele kwabangenamakhaya ePhoyinti ngenxa youthengisa ngomzimba.
Ukisetshenziswa kwezidakamizwa kubhekwane nakho esikhumulweni sesithathu. UNkz Zanele Ngcamu uthe uMphathi Wamaphoyisa Esiteshini sasePhoyinti ubatshele ukuthi izidakamizwa ziyinkinga enkulu endaweni ikakhulukazi utshwala. ‘Iningi labangenamakhaya basebenzisa iwhoonga,’ usho kanje.
UNgcamu unethemba lokuthi lo msebenzi wabo uzowenza umehluko ezimpilweni zabantu abangenamakhaya
Abantu bakuthokozele kakhulu ebesikwenza futhi bakhulume ngokukhululeka mayelana nezizathu zabo zokusebenzisa izidakamizwa notshwala, ‘Ngiphuza kakhulu. Angicabangi ukuthi utshwala buyinkinga. Bungisiza ukuthi ngikhohlwe,’ kusho oyedwa wabesilisa. ‘Kungcono ngoba angiyisebenzisi i-cocaine!’
‘Ngiyazi ukuthi ucansi olungavikelekile luyingozi kodwa singenzenjani? Uma uya emtolampilo bayakuxosha ngezinye izikhathi, ‘ kusho omunye wabesifazane.
Emva komsebenzi abangenamakhaya baphiwe ukudla nesipho esiqukethe isixubho, ithawula lobuso, insipho, amakhondomu abesifazane, amakhondomu abesilisa nokokumanzisa okwakhiwe ngamanzi.
Abangenamakhaya bathembise ukuthi bazogeza baxubhe namazinyo abo.
‘Sithemba ukuthi lokhu kuzobakhuthaza ukuthi bashintshe izindlela zabo. Abanye babukeka sengathi bayathanda ukuguqula izimpilo zabo. Uguquko oluncane lungcono kunokungabi naguquko, kusho uNkz Michelle Mbayiwa.
UMbayiwa uthe bakhethe leli qembu labangenamakhaya emva kokuqokelwa ukusebenzela endaweni yasePhoyinti umfundisi wabo uDkt Mbali Mhlongo.
nguNombuso Dlamini



