
MoU phakathi kwe-UKZN ne-Open University izoqinisa ukubambisana kwezocwaningo
Click here for English version
I-UKZN nenyuvesi yase-Mauritius i-Open University basayine isivumelwano sokusebenzisana esizoqinisa ukusebenzisana phakathi kwalamanyuvesi amabili.
Lokhu kusebenzisana kuwumphumela wezingxoxo mayelana nokusebenzisana phakathi kukaDkt Upasana Singh noMnu Perienen Appavoo engqungqutheleni yezobuchwepheshe eyayise-Mauritius ngonyaka odlule.
‘UMnu Appavoo nami sinentshisekelo efanayo kwezocwaningo ngakho ngaphakamisa ukuthi sizame ukuthola isivumelwano phakathi kwezikhungo zethu zombili ukuze sigqugquzele ukusebenzisana okufanele. Lude ukhalo esesiluhambile kusukela kuNtulikazi ngonyaka wezi-2015, lapho kwakulungiswa isivumelwano kodwa sigcine sisayinwe ekuqaleni kukaMbasa kulo nyaka,’ kusho u-Singh.
U-Singh uphinde wathi lokhu kusebenzisana kuvuleleke kunoma ubani oyisifundiswa e-UKZN nase-Open University onentshisekelo yokuba yingxenye yemizamo yokugqugquzela ukusebenzisana kulemikhakha elandelayo :
• Ukusebenzisana kwezocwaningo
• Ukusebenzisana kwabafundi kwezocwaningo
• Ukunikezelana ngezincwadi nemibhalo yezokufunda
• Ukubambisana ekuthuthukisweni nasekululekweni kwabocwaningo olusha
• Ukubambisana ekwelulekweni kwabafundi bezique zeMastazi ne-PhD
‘I-MoU ivumela abafundisi bakulezi zikhungo ukuba babambe iqhaza ekusebenzisaneni kweminyaka emithathu. Abafundisi base-UKZN abanesifiso sokubamba iqhaza emisebenzini yokubambisana bangathintana nami ukuze ngibasize kokumele kwenziwe,’usho kanje.
nguThandiwe Jumo