
Abelaphi ngokuvocavocisa umzimba bahlanganyele emkhankasweni wokwelashwa komdlavuza
click here for English version
Umkhakha wezokwelapha ngokuvocavocisa umzimba bebebambe umhlangano wokucobelelana ngolwazi nesigungu saKwaZulu-Natali sezeNgxubekwelapha Ngokuvocavocisa lapho bebedingida ngezindlela ezingasetshenziswa ukwelapha umdlavuza.
Abelaphi ngokuvocavocisa babamba iqhaza elibalulekile ekuhlinzekweni ngokwelashwa okuhlanganisa nempilo yomndeni kulabo abanomdlavuza ukuze kwenziwe ngcono isimo sempilo yabo jikelele, ngokukaDkt Sonill Maharaj ongumfundisi futho ohlele lo mhlangano
Igumbi lokufundela ebeligcwele abelaphi abangama-50 abasebenza ezizindeni ezihlukene ezinakekela iziguli KwaZulu-Natali bebelalele inkulumo yomelaphi kweze-onkholoji uMs Liesbeth Raymaker, ochaze umdlavuza njengokuvuvuka noma ithumba eliwumphumela wokuhlukana kwezicutshana ezingajwayelekile ezinamandla okufinyelela kwezinye izingxenye zomzimba.
URaymaker uthe kunezinhlobo eziyi-100 zomdlavuza lapho lesi sifo esiziveza ezicutshini futhi nokwelashwa kwaso kuhambelana nohlobo lomdlavuza, izicubu ezithintekayo, isigaba sesifo, ulibo lwesiguli, ubudala nobukhona bezinye izifo ezinomthelela empilweni yesiguli.
URaymaker wethule nohlaka lwesifo somdlavuza obeluhlanganise ukwakheka kwaso, izinhlobo, izigaba, ukutholakala kwaso, ukusabalala kwaso nezindlela zokwelapha, konke lokhu unentshisekelo yakho futhi kugqugquzela uthando lwakhe lokwelapha okuhlanganisa nomndeni. Uthe futhi umdlavuza ungaqagulwa ngokusebenzisa izinhlelo zokuhlola ezifana nama-mammograms, amapap smiye nokuhlolwa kwendlala iphrostethi nezinye izinhlobo zokuhlola – yize zingabiza imali enkulu futhi zikhiphe imiphumela engaqondile. Izinkomba zihlanisa ukuvuvukala kwezindlala, ukujulika ebusuku nokwehla kwesisindo zomzimba.
Weluleke ngokuthi kubuzwe iziguli ngomlando wemindeni yazo nempilo abayiphilayo. Uphinde wathi izinkomba zokuthinteka kwezivikelamzimba neziqha zibandakanya i-hayiphoglayikhemiya, i-demathomayisitisi, ithrombosisi, ubuthakathaka bamalunga, i-ostiyopheniya nengxube kaKhushingi phakathi kwezinye.
Owenza izifundo ze-PhD, uNkz Donnée Ness, uthe ucwaningo lwakhe lugxile ezindleleni zokusabalala kwelayimfedima emdlavuzeni webele kwabesifazane. UNess uthe abesifazane abaneminyaka engaphezulu kwengama-40 basengcupheni enkulu yokuguliswa umdlavuza kodwa ugqugquzele abesifazane abasebancane ukuthi baqale ukuzihlolela umdlavuza ngoba uma sitholakale kusanesikhathi lesi sifo, lokhu kuyasiza ekulashweni kolimi.
UMaharaj uthe umhlangano ugqugquzele ukwelashwa kusetshenziswa i-onikholoji, inqubonhle nokunakwelashwa komndeni wesiguli. “Ngokubanzi nje lobu budlelwane buzoqinisekisa ukuthi ukuxhumana nokubambisana nomphakathi ngokusebenzisana nawo kuyimpokophelo ebalulekile yeNyuvesi YaKwaZulu-Natali.’’
nguLunga Memela