
Ucwaningo Ngokutholakala Ezitshalweni Lushicilelwe Ejenalini Yamazwe Ngamazwe
Click here for English version
Igalelomlando likaSolwazi Cephas Musabayane lisaqhubekela phambili, kusho owayengumfundi wakhe ongumcwaningi eNyuvesi YaseKapa uDkt Hlengiwe Madlala emva kokushicilelwa kocwaningo olwenziwa yilabacwaningi bobabili ejenalini ebukezwe ezinye izifundiswa: i-PLOS ONE.
Lolu cwaningo, i-"The study, Vascular Endothelium-Dependent and Independent Actions of Oleanolic Acid and Its Synthetic Oleanane Derivatives as Possible Mechanisms for Hypotensive Effects", lwaqala ngenxa yemiphumela eyatholwa yilabacwaningi kolunye ucwaningo ababelwenza e-UKZN. Imiphumela yakhombisa ukuthi i-khompawundi etholakala ezitshalweni i-oleanolic acid nezithako zayo abazihluza, inciphisa umfutho wegazi ezilwaneni ezinomfutho wegazi osezingeni eliphezulu ngokuthuthukisa ukusebenza kwezinso.
'Sasifuna ukuhlola ezinye izindlela ezisetshenziswa yilamakhompawundi ezinemiphumela enciphisa umfutho wegazi,' kusho uMadlala, ‘ngaphezulu kwezinso, sihlole nemiphumela yalamakhompawundi kwezinye izingxenye zomzimba okuyinhliziyo, nemigudu yegazi – kokubili okwaziwe nge-cardiovascular system.’
Lolu cwaningo olushicilelwe lukhombise ukuthi ngaphezu kokukhulisa ukukhiqiza ama-ilekthrolayithi kwezinso, lamakhompawundi ahloliwe abuye abe nomthelele ekuncipheni komfutho wegazi okwenza igazi ligijime kahle emithanjeni. ‘Le miphumela ikhomba ukuthi lamakhompawundi angathathwa njengendlela eshibhile yokulapha ukwenyuka komfutho wegazi.’
‘Lolu cwaningo belusemqoka ngoba okutholakala ezitshalweni kade kwaqala ukusetshenziswa yizizwe ezahlukene eminyakeni eminingi eyedlule ngenxa yokutholakala kalula ngakho ucwaningo luyadingeka ukuze luqinisekise ukusebenza nezindlela okusebenza ngayo.’
UMadlala uthe kuyakhuthaza ukushicilelwa kwalolu cwaningo kukhombisa izingabunjalo leziqu ze-PhD azithola elulekwa uMusabayane – owayenguSolwazi Ogcwele ezifundweni zokuSebenza Kwezitho Zomzimba Womuntu eSikoleni Sezifundo Zokuxilonga Imithi Nokwelapha odlule emhlabeni ngonyaka wezi-2015, wabizwa “ngesifundiswa soqobo” ngokukhombisa ukusebenza nomoya wokufundisa ohambelana nobizo lwakhe.
‘Kube yisibusiso ukwelulekwa uSolwazi Musabayane ngoba ubenothando lomsebenzi wakhe okuyingakho ebesebenzisana nabanye ososayensi e-KU Leuven ebalwa namanye amanyuvesi aphambili eYurophu.’
UMadlala usanda kuqeda unyaka wakhe wokuqala eneziqu zobudokotela esebenza eMnyangweni WezeSayensi Yokuzivocavoca Nezokwelapha Kwezemidlalo eNyuvesi yaseKapa futhi angathanda ukusebenza njengososayensi wezocwaningo lwezokwelapha ukuze enzele uMnyango WezeMpilo ucwaningo nge-HIV ngomuso.
nguLunga Memela