
Ugqozi LokuCwaninga Lukhuphulele Umfundi WezoMthetho Emazingeni Aphezulu
Click here for English version
Ukuqokwa kowayengumfundi wezomthetho uMnu Musa Kika njengoMsizimcwaningi ophikweni lwezokuPhatha Ngentandoyeningi kanye Namalungelo kuzomsiza ukuthi aqhubeke nento ayithandayo okungamalungelo abantu, umthetho wezomthethosisekelo nomthetho wezokuphatha.
Lolu Phiko lwathulwa ngonyaka wezi -2014 luwuphiko olugxile ocwaningweni lwezinto ezenzekayo futhi luzinze eMnyangweni WezoMthetho Womphakathi eNyuvesi YaseKapa, lugxile ezintweni ezithintene nezokuphathwa kwezomthetho, ukuqokwa kwamajaji, uguquko kwezobulili emajajini, ilungelo lokutholakala kolwazi, nokutholakala kosizo lomthetho mahhala kanye nezomthethosisekelo.
KuKika - ozothweswa iziqu ze-LLB ngenyanga ezayo – lo msebenzi uzomsiza ukuba asize ocwaningweni oluhlukene olwenziwa wuphiko okuzomenza abe nolwazi olubanzi ngemikhakha ehlukene yezomthetho. UKika unolwazi lwezocwaningo lwezomthetho ngoba useke wasebenza njengoMsizimncwaningi eSikoleni SezoMthetho futhi unolwazi ngezinkantolo ngoba ubeyingxenye yohlelo lomabhalane bezinkantolo obeluhlelwe yiJaji uMalcom Wallis esikoleni.
‘Ukusebenza kwami eDRGU kuqale kuNholanja kulandela ukusuka kwami e-UKZN ngiya e-UCT. Bengilokhu ngixhumana nophiko kusukela ngiqala e-UCT nyakenye. Okwamanje ngibambe iqhaza emisebenzini emibili: uhlelo lweJSC Monitoring kanye nohlelo lokuhlola ukuthi lungasatshalaliswa kanjani lolu hlelo kwamanye amazwe ase-Afrika,’ kusho uKika.
Njengoba angena kowamanqamu kwi- Ellie Newman Moot Court ngowezi-2014 futhi enza izifundo ze-LLM kwezoMthetho Womphakathi, uthi ulwazi azoluthola kulomsebenzi luzomsiza kakhulu ezifundweni zakhe.
‘Umsebenzi engiwenza e-DRGU uncike entweni enginesasasa layo. Ugqozi lwami lulele ekusetshenzisweni komthetho ukuze kutholakale ukuphatha okufanele. Uma ngibheka phambili, ngizimisele ukujoyina i-Bar ngisebenze emkhakheni womthetho womphakathi.
‘Engikuhlosile ngokuqhubeka kwesikhathi ukusebenza e-Afrika emkhakheni wezamalungelo abantu, ezokuphatha, nezomthetho ngokusebenza ezikhungweni ezifana ne-SADC, i-AU, ne-UN nezinhlangano ezingaphansi kwazo, ‘ kusho uKika.
Thandiwe Jumo