
Umfundi wase-UKZN uwine ngokulingana emncintiswaneni wokwakhiwa kwezindlu ezakhelwa ezihlahleni
Click here for English version
Umfundi weziqu ze-Masters kwezemiDwebozakhiwo uNkz Ayla Harvey uphume indawo yokuqala ngokulingana emncintiswaneni i-TREEHOUSING International Wood Design Competition, lapho ebambane ne-Koura Studios and ARUP Seattle yase-United States.
Imisebenzi eyevile kwengama-200 evela emazweni angama-60 ebingenele lo mncintiswano – ohlelwe yinhlangano ezinze e-Canada i-Design and Build Research School and Agriculture Organisation (FAO).
Umncintiswano bewuphosele abadwebi inselelo yokuthi badwebe imidwebo ekhombisa ubuchule nezokwazi ukuhlala isikhathi eside ezosiza imiphakathi ekhulayo yase-Afrika nangaphandle kwayo. Abadwebi bekufanele basebenzise okuwukhuni njengengxenye enkulu yemidwebo yezakhiwo zabo.
UHarvey uklonyeliswe ngenxa yomdwebo wakhe owuhlobo lwe-Jungle Gym ngenkathi kunomhlangano i-World Forestry Congress eThekwini. Umdwebo wakhe webhilidi elide ubuyisakhiwo esingandlalekile futhi esakhiwe ngendlela efanayo yonke indawo esingasetshenziswa ngezindlela eziningi futhi esivumela ukunyakaza okunhlobonhlobo nokubambisana. Sigqugquzela indlela yokuphila yemvelo, enomqondo ovulekile futhi nokulingana.
Abahluleli abebehlanganise uMnu Michael Green wase-Canada, uMnu Andrew Waugh waseBrithani, noMnu Richard Stretton waseNingizimu Afrika bathe umdwebo ka-Harvey ukhombise ngokuguquguquka kwempilo yasedolobheni.
Abahluleli bawuthandil lo mdwebo ngendlela okhuthaza ngayo inhlalo yomphakathi ngaphakathi esakhiweni namathuba okusisebenzisa nanoma ngayiphi indlela ngokuqhubeka kwesikhathi. Baphawule bathi:'Umdwebo usezingeni elifanele, ukalwe kahle futhi ukhombisa nokubhekelelwa kwesimo sezulu. Isakhiwo sokhuni sikhombisa ubuchule nokuguquguquka kwempilo yasedolobheni.'
‘Kuyathokozisa kakhulu ukuphumelela emncintiswaneni ofana nalona,’ kusho u-Harvey. ‘Kuyinto ebalulekile kakhulu kimi ngoba bewusezingeni lomhlaba. Njengomdwebizakhiwo osakhula, kunginikeze ithuba lokuxhumana nabanye abadwebi nokubuka lo mkhakha ngeso elihlukile.’
Ululeke nabanye abafundi bezemidwebozakhiwo ukuba bangenele imincintiswano eminingi ukuze bakhe iqoqo lemidwebo futhi bazakhele igama njengabadwebizakhiwo abasakhula.
nguMelissa Mungroo