
I-UKZN ibambe umhlangano wokucobelelana ngolwazi wabafundisa emkhakheni wezobuHlengikazi
Click here for English version
Abafundisa ezobuHlengikazi e-UKZN bebehlangene nozakwabo basekolishi i-KwaZulu-Natal College of Nursing (KZNCN) emhlanganweni wokucobelelana nokuthuthukisa amakhono eKhempasini i-Howard.
Ngaphansi kwesihloko esithi:Clinical Education Model: From the Nursing Education, Training and Practice Strategy to Implementation in the KZN Context, lo mhlangano uhlose ukukhuphula izinga lezinhlelo zokuqeqesha kanye nokucobelelana ngolwazi kwezezinhlelo zezifundo.
Umphathi KwezeziFundo zobuHlengikazi e-UKZN uSolwazi Gugu Mchunu uthe injongo yethu ‘ukugqugquzela abafundisi ukuthi bakhuphule izinga lezinhlelo zokuqeqesha ezikhona, banikezane ugqozi, basebenzise izindlela zesimanje futhi bakhe uhlelo lwezifundo olufanele’.
Izingxoxo zibhekisise intuthuko kwezokufundisa ezokuhlenga kanye nesidingo sokuphokophela ekwenzeni ngcono njalo nokusungula izindlela ezintsha zokufundisa ezokuhlenga. Kubuye kwabhekwa ezezinsiza, ukuhlola nokuqeqeshwa kwezamakhono okuhlenga.
UMchunu uthe obekuhlosiwe kubandakanye nokubheka kabusha uhlelo olukhona lwezokuqeqesha kwezokuhlenga. ‘ ukuze abahlengikazi abaqeqeqshiwe bahlale bebalulekile KwaZulu-Natali, kubalulekile ukucubungula ukufaneleka kohlelo olukhona nokuthatha izinqumo mayelana nokuthi lungaqiniswa kanjani ukuze luhlomise abahlengikazi ukuhlenga emhlabeni jikelele nokwenziwa kabusha kwezokuhlenga futhi kutholakale nezindlela zokwenza ngcono indlela yokufundisa amakhono okuhlenga.’
USolwazi Fikile Mtshali wase-UKZN uthe ikhwalithi yomhlengikazi osebenza kulo mkhakha incike ezifundweni azifundisiwe. Lolu hlelo oluphakanyiswayo lokufundiswa kwezokuhlenga luphokophele ekuthuthukiseni ubudlelwane phakathi kwenjulalwazi nokufunda ngokwenza. Luphakamisa ukusungulwa kohlelo oluxhumene lwemithetho yezokuhlenga nezokufundisa ukuhlenga.’
UMtshali utshele abebehambele lo mhlangano ukuthi kumele benze ucwaningo oluzokhuphula izinga lezokufundisa ukuhlenga, ugcizelela ukuthi ukubambisana phakathi koMkhakha wezobuHlengikazi ne-KZNCN kubalulekile futhi kuyimpumelelo.
Ngu-Nombuso Dlamini