
I- UKZN Izobamba Isimpoziyamu I-Ukulinga Howard Davis Memorial
Click here for English version
I-UKZN izobamba isimpoziyamu yokuqala i-Ukulinga Howard Davis Memorial, okuwumcimbi omayelana nocwaningo kanye nokucobelelana ngolwazi ohlose ukukhangisa ngocwaningo kwezolimo eNyuvesi kusetshenziswa izinsizakusebenza ezisepulazini i-Ukulinga Research Farm eliseMgungundlovu.
Isimpoziyamu ezoba kuNhlaba ngonyaka ozayo isungulwe i-UKZN Foundation nezithenjwa ze-TB Davis Trust, elawula ipulazi esiqhingini sase-Jersey.
Umsunguli walesi sikhwama , u-Thomas Benjamin Frederick Davis, wayedumile eNingizimu Ne-Afrika ngeminyaka ye-1900, umcebo wakhe wayewuzuze ngebhizinisi lokuthulula nokulayisha imikhumbi ezikhumulweni zemikhumbi kusukela e-Port Elizabeth kuya e-Dar es Salaam. UDavis wasekela iNyuvesi YaseNatali ngesikhathi isungulwa waxhasa ngemali engama- £140 000 eyasetshenziswa kwakhiwa isakhiwo i-Howard College eyavulwa ngonyaka wezi-1931 eThekwini. Lesi sakhiwo sasiqanjwe ngendodana yakhe u-Howard owashona ngempi yokuqala yomhlaba yase-Somme eneminyaka engama-21.
Njengoba unyaka wezi-2016 ungunyaka we-100 kwadlula u-Howard Davis emhlabeni, iSimpoziyamu ihlelelwe ukumhlonipha nokusungula ikusasa elisha. Ngenxa yokuxhumana nepulazi lika-Howard Davis elise-Jersey, isimpoziyamu ihlose ukukhuphula izinga lezolimo KwaZulu-Natali naseNingizimu Afrika ngokusabalalisa ucwaningo olumqoka.
Igalelo kwezemfundo lika-Davis liyoqhubeka ngokuhlelwa kwesimpoziyamu ehlose ukukhangisa ngocwaningo olwenziwa e-Ukulinga emphakathini wososayensi, osomabhizinisi bezolimo nomphakathi wabalimi. Abahleli balomcimbi banethemba lokuwenza ube yiwo oletha imiphumela esheshayo ekuthuthukisweni kobudlelwane obunenzuzo kuwonkewonke emkhakheni wosomabhizinisi bezolimo. Lo mcimbi uzoba yingxenye yokuhlomisa abalimi abancane abasakhula nabasemphakathini ngamakhono nolwazi olubalulekile oluzobasiza kakhulu.
I-UKZN inomlando wokuphosa esivivaneni salemikhakha ebalulekile yezokuthuthkiswa kwezolimo, kuyingakho ingxenye enkulu yentuthuko kulemboni eNingizimu Afrika iwumphumela wocwaningo olwenziwa e-Ukulinga. Lelipulazi elinegama lesiZulu elichaza ukuzama, lathengwa ngonyaka wezi-1948 emva kokusungulwa koMnyango wezoLimo eNyuvesi yaseNatali futhi selisetshenziswe ngokuyimpumelelo enkulu njengepulazi locwaningo elinomsebenzi obalulekile wokufundisa.
Eminyakeni esanda kudlula, imisebenzi yocwaningo idlondlobele yadlula eyezolimo olujwayelekile yabandakanya neminye iminxa emayelana nemvelo ezindaweni ezisemaphandleni.
Ipulazi linezinsizakusebenza ezisetshenziswa kwezobunjiniyela, ucwaningo ngamanzi, isayensi yezimfunda,ukulima izitshalo, isayensi yezitshalo nesayensi yezilwane, ucwaningo lwezilwane ezetshisayo nezingetshisi (oluthinta kakhulu izinkukhu nezingulube) lwenzeka khona. Nokomlando, ukudluliselwa kwemibungu namathole akhiwa emalebhu kwaqala e-Ukulinga.
Phakathi kweminye imisebenzi yocwaningo yokuqala e-Ukulinga kukhona olwaziwa nge-Burning and Mowing Trials ne-Veld Fertiliser Trials eyaqalwa ngonyaka wezi-1950 futhi esaqhubeka emva kweminyaka engama-64 ingakaze iphazamiseke. Enye indawo yocwaningo ngezimfunda ixhumene nezinye izindawo ezingama-48 emhlabeni wonke ezigxile ekufundeni ngokufakwa komsoco ezimfundeni zemvelo.
Eminyakeni eminingi edlule bekugxilwe kakhulu ocwaningweni olubhekiswe ezitshalweni nokutshalwa kwazo kanye nocwaningo lokukhiqizwa kwezitshalo. Imisebenzi ebalulekile yamanje ihlanganisa nokukhiqizwa kombila onezinga eliphezulu le-lycene othathwa njengengqophamlando ekukhushulweni kwezinga lamaphrotheni embileni.
INyuvesi yasebenzisana noMasipala waseMgungundlovu (Umsunduzi) emsebenzini lapho umhlaba ongamahektha ayi-100 epulazi i-Ukulinga Research Farm afakwa ngaphansi kwesiqiwu i-Bisley Nature Reserve esingumakhelwane lapho kunezinhlobonhlobo zezitshalo nezilwane okubalwa kuzo izindlulamithi, amadube nezinye izinhlobo zezinyamazane.
I-Ukulinga iyindawo enesasasa ezikoleni zendawo ngokukhombisa abafundi ngesayensi yezolimo nokusebenza kwayo.
Isimpoziyamu ihlelelwe ukuhambisana nemicimbi yezolimo ezoba sesifundazweni kuNhlaba, futhi izothatha izinsuku ezimbili kuya kwezintathu.
ngu-Christine Cuenod