
Isifundiswa saseZimbabwe Sikhulume Ngezindlela Zokuthuthukisa Izilimi ZaseAfrika Engqungqutheleni YezokuFunda NokuFundisa
Click here for English version
Isifundiswa esiqavile kwezolimi uSolwazi Herbert Chimhundu wethule inkulumo yosuku ngaphansi kwesihloko esithi: Izilimi ZaseAfrika, Ezobuchwepheshe, Nezikhungo Zemfundo: Imibono yoKwakha izichazamazwi, Ezokwakhiwa kwamatemu NezamaGugu, osukwini lwesithathu lweNgqungquthela YezokuFunda NokuFundisa e-UKZN.
UChimhundu ukhulume ngezindlela ezingasetshenziswa zokuthuthukisa futhi zikhuphule izinga lezilimi zase-Afrika ngokusebenzisa ezobuchwepheshe, ikakhulukazi ubuchwepheshe bezilimi zabantu ukuze nezilimi zase-Afrika zibambe iqhaza kwezokuxhumana ngaleyondlela zikwazi ukubamba neqhaza emnothweni wolwazi.
Uphakamise ukuthi osozilimi basebenzisane nabanye abakulomkhakha. ‘Makwakhiwe amaqembu nabantu bakweminye imikhakha ukuze kukhuphuke izinga lomsebenzi okhiqizwayo,’ kusho Chimhundu.
UChimhundu uhloniphe obenguSihlalo womhlangano onguMqondisi WeHhovisi LokuHlelwa NokuThuthukiswa KoLimi uDkt Langa Khumalo, athe ungomunye wezifundiswa ezihamba phambili esazikhiqiza eNyuvesi YaseZimbabwe eMnyangweni WeziLimi neMibhalo’
UKhumalo uthe ulimi lubaluleke kakhulu empilweni yabantu. Luthwala futhi lukhangise ngobuntu babantu. Luqopha okuyimpumelelo kwethu luphinde lugqugquzele ukuqamba okusha nentuthuko.’
Usuku lwesithathu lwengqungquthela lube nezinkulumo ezethulwe uM A Samuel noM Swart ethi “Early Professional Learning Narratives of Two Novice Teachers as Funza Lushaka Bursary Holders”, kanye nethi “Investigating Perceptions of Food Insecurity Complexities in South African Higher Learning Institutions: UKZN”, eyethulwe ngu-L Sosibo no A Mwanza.
nguRaylene Captain-Hasthibeer