
Kuzoshicilelwa Incwadi Eyingqophamlando YezeSayensi Yokuhlalisana Kwabantu
Click here for English version
Incwadi okungeyokuqala yohlobo lwayo eNingizimu Afrika: i-Sociology : A South African Perspective, izoshicilelwa ekuqaleni konyaka ozayo.
Le ncwadi ididiyelwe isifundiswa sase-UKZN uDkt Mariam Seedat-Khan; owayengumfundi wase-UKZN osefundisa e-DUT uDr Rene Smith, kanye nomfundisi wezifundo zesayensi yokuhlalisana kwabantu e-UNISA uDkt Zanetta Jansen.
‘Le ncwadi ingeyokuqala yaloluhlobo lwezincwadi zeSayensi Yokuhlalisana Kwabantu zaseNingizimu Afrika,’ kusho uSeedat-Khan. ‘Ihlanganise nemisebenzi emihle yezifundiswa ebezikhishwe inyumbazane kanye nezisakhula. Lo mbhalo oshicilelwe uhlanganise nemisebenzi evela emanyuvesi ahlukene aseNingizimu Afrika – okubalwa i-UKZN, DUT, UNISA, UJ, UFH- okwenze yaba umbhalo ohlanganise ababhali abaningi futho omele bonke ososayensi bezokuhlalisana kwabantu bakuwo wonke amagumbi aseNingizimu Afrika. Abanye bababhali bayaqala ukubamba iqhaza kanti iningi labo ngabesifazane.’
Incwadi iqukethe inhlanganisela ehehayo yososayensi bezokuhlalisana kwabantu baseNingizimu Afrika nase-Afrika abanesigqi ‘Emhlabeni/NaseNingizimu Afrika.’
Ihlanganisa imiqondo yesayensi yokuhlalisana kwabantu nezinhlaka zenjulalwazi ezisuselwe eNingizimu Afrika, okugqugquzela izifundiswa ukuze zisebenzise imicabango yesayensi yokuhlalisana kwabantu ezindaweni lapho zihlala khona nasemiphakathini yocwaningosimo yaseNingizimu Afrika nase-Afrika.
U-Smith uthe, ‘Ngaheheka kulomsebenzi ngenxa yokuthi usebenza ngesimo sasekhaya kanye nesomhlaba. Unikeza abanye ababhali nemibono ithuba futhi ubaluleke kakhulu ekuthuthukiseni ubungxube bokufundiswayo kanye nobuningi. Unokuxhumana nezinsiza eziningi zobuchwepheshe ezisekela ukufunda, ukufundisa nokuhlolwa.’
U-Jansen wengeze ngokuthi: ‘ Icacisa futhi ihlanganisa izibonelo eziningi zalapha ekhaya kanye nezase-Afrika ezahlukweni zonke ukuze kubonakaliswe ukuthi umkhakha usuguquke kangakanani okwenza lesayensi ibe eyomhlaba wonke hhayi nje into yaseMelika noma eYurophu. Futhi iyakhombisa nokuthi lo mkhakha wesayensi yokuhlalisana kwabantu uyaguquka futhi ubaluleke kangakanani kulo mbhalo waseNingizimu Afrika uma kuqhathaniswa noka-Ferrante waseMelika.’
Uthe abafundi abangenaziqu kanye nabafundela iziqu ze-honours kwezesayensi yokuhlalisana kwabantu, bazothola lemibhalo iwusizo, izwakala kalula futhi ikhuluma ngezinto ezibathintayo njengamanje ezimweni abakuzo.
‘Abafundi nothisha bazoyithola imibhalo iwusizo kakhulu ; abadidiyeli bafake nohlu nenqolobane mininingo yemibuzo yokuhlolwa, izifundokubukeza kanye nemibuzo engama-eseyi nemibhalo eyizifundo zamakilasi nokunye okuyizinsiza zesigaba ngasinye okutholakala emoyeni.’
I-Sociology: A South African Perspective ithathwa njengombhalo obalulekile kubafundi abafunda izifundo zesayensi yokuhlalisana kwabantu. Izosiza labo abafuna ukucubungula izinhlaka zenhlalo nokuthi zinamuphi umthelela endleleni yokucabanga nokuziphatha kwabantu kanye namathuba angaphakathi kwezwe.
Incwadi izotholakala kuNhlolanja ngonyaka ozayo.
Ngu-Melissa Mungroo