Umsebenzi kadokotela wesikhumba sabantwana ujule kakhulu
Click here for English version
Abantwana bamsulwa banokwethembeka okwenza kube yintokozo ukubelapha, kusho uDkt Antoinette Chateau okunguye yedwa udokotela wesikhumba sabantwana Kwazulu-Natali yonke.
UChateau uyiNhloko Yezifundo NgesiKhumba eMgungundlovu futhi ufundisa eSikoleni SezokweLapha i-Nelson Mandela e-UKZN.
‘Ngithatha isikhathi sokuxhumana neziguli njengesikhathi sokudlala kunesikhathi sokwelapha. Kuthokozisa kakhulu ukubona abantwana beluleme futhi bezidlalela emva kokwelashwa,’ usho kanje.
Njengodokotela oyedwa vo esifundazweni , uChateau uthe: ’Ngizizwa ngibusisekile ngethuba nokwesekelwa engikuthole emnyangweni ukuze ngenze into engiyithanda kakhulu okungukwelapha abantwana abanezifo ezinhlobonhlobo zesikhumba eKZN yonke. Enye yezimpokophelo zami emnyangweni ukuqeqesha abnye odokotela besikhumba sabantwana. Manje ngisabhalisela izifundo zomkhakha oxhumene nalona futhi nginethemba lokuthi i-UKZN izoba nezifundo eziyisipesheli zesikhumba sabantwana e-Afrika.'
UChateau uthi umphathi womnyango uSolwazi Ncoza Dlova umesekele yonke indlela. ‘Ube negalelo elikhulu ekufezekeni kwephupho lami, ungixhumanise nosaziwayo bomhlaba kulomkhakha waphinde wangitholela uxhaso lwezimali, ukugunyaza isikhathi sokufunda esiyilivu neziphakamiso. Ungumeluleki wami, uyiqhawe lami futhi usaqhubeka nokungigqugquzela ukuze ngikhule futhi ngizuze okungaphezulu kwalokhu.’
UChateau uphethe iklinikhi yesikhumba sabantwana ngoLwesibili esibhedlela e-Greys eMgungundlovu nangoLwesihlanu e-King Edward VII. Iklinikhi yase-Greys yasungulwa ngonyaka wezi-2011 kanti eyase-King Edward yasungulwa ngowezi-2013.
Waphothula iDiploma kwezeMpilo Yabantwana ngesikhathi sokuqeqeshwa kwakhe emphakathini. ‘ Ukwenza izifundo zokwelashwa kwesikhumba bekuyinto eyintshisekelo kimi kusukela kudala ngakho ukwenza umsebenzi wokwelapha isikhumba sabantwana uhlanganisa yomibili imikhakha engiyithandayo,’ kunezezela uChateau.
Manje uqedela izifundo zakhe zeziqu ze-Master of Medical Science lapho ecubungula imiphumela yama-systemic steroids ne-intravenous immunoglobin ezigulini ezine-HIV neStevens John Syndrome kanye ne-Toxic Epirdemal Necrolysis. Uhlela ukubhalisela iziqu ze-PhD emkhakheni oxhumene nowakhe lapho ucwaningo lwakhe luzogxila kwi-atopic dermatitis.
‘I-Atopic dermatitis iyisifo esijwayelekile ebantwaneni futhi sinomthelela omkhulu ezingeni lempilo lesiguli nomndeni waso,’ kusho uChateau.
Ugqugquzelwa nokuhlomiswa kwabazali ukuze baqonde ngesimo sabantwana babo nokufundisa abazali nabantwana ngesimo sezikhumba. ‘Ukubona abantwana belulama, nokubona ukukhululeka nokubonga kwabazali kuyajabulisa.
Iqembu lika-Chateau laseMgungundlovu limatasa lisebenzisana noMnyango WezeMpilo (E-Health) ukuze kusungulwe uhlelo lokuhlenga izifo sesikhumba kuzo zonke izibhedlela ezikulendawo kusetshenziswa ucingo.
‘Sihlele nokuqala uhlelo lokufundisa ngesikhumba kubahlengikazi. Lokhu kungumzamo wokufundisa indlela yokubona izimpawu nokulawulwa kwezifo zesikhumba kubahlengikazi basezindaweni ezisemaphandleni ukuze kuncishiswe isibalo sabadluliswayo abasuka kude. Lo msebenzi uqalwe uMnyango WeziFundo ZokweLashwa Kwesikhumba enginentokozo yokuba yingxenye yawo.’
UChateau, obhale isihloko ngokubambisana encwadini ethi : Clinical Infectuous Diseases, uthe abazali bakhe bebeyisisekelo sakhe ngokumgqugquzela ukuthi afeze iphupho lakhe lokwenza lo msebenzi yize noma kwakubukeka kungeke kwenzeke
nguNombuso Dlamini