
Abafundi bezomculo base-UKZN esigabeni esandulela owamanqamu emncintiswaneni kazwelonke
Click here for English version
Umfundi wezomculo uMnu Kwena Ramahuta uphakamise ifulegi le UKZN phezulu - ngokuba ngomunye kwabayishumi nambili (12) emncintiswaneni oba minyaka yonke wezomculo obizwa nge - South African Music Rights Organisation (SAMRO) umncintiswano wabemifundaze yaphesheya.
Umculi oyedwa ezigabeni ezahlukene uzohlomula ngama- R170 000 umklomelo wokufunda nethuba lokufeza isifiso zakhe kwezobuciko nobunyoninco.
'isipiliyoni esingaqhathaniseki sokuba ingxenye yomcimbi omkhulu kulelizwe,' kusho uRamahuta. 'ukungena nje kukodwa ebantwini abaningi ekade befake izicelo ngizizwa ngihloniphekile. Lokhu kusho ukuthi kumele ngenze kahle kakhulu,' kusho uRamahuta.
Wayenesifiso sokuqhubeza izifundo zakhe, uzwa engathi lelithuba lihle kakhulu. ' ngikholelwa ekutheni ukufunda emazweni angaphandle okanye isipiliyoni nje sokuba ngaphandle sizongisiza ukuthi ngikhule kwezobuciko nasekuzihlanganiseni nabanye abantu. Ufunda okuningi emasikweni ahlukene.
Ekhuluma ngothando lwakhe lomculo, uRamahuta uthe: ' okusenhlizweni yami kakhulu ukuqhubeza izifundo zami kwezomculo kulelizwe.' Bengiswele kakhulu kuleyondawo, ngikhula eLimpopo nokuqala ukufundela umculo sengikhulile kungilahlekisele kancane. Ngikholelwa emfundweni yezomculo nokuthi ineqhaza engalibamba ekwenzeni iNingizimu Afrika indawo engcono ngokwenhlalo yabantu kanye nakwezomnotho.'
URamahuta ukhethe i-UKZN, emva kokuzwa ngeziqu zezomculo zakulesisikhungo nokunconywa kwazo eNingizimu Afrika nangaphandle. 'ngihlabeke uxhwele kusukela ngisenza unyaka wami wokuqala ngothisha abaseqophelweni eliphezulu abazimisele futhi abazikhandlayo nabancomekayo emsebenzini abawenzayo.'
Uthe imifundaze yezomculo ayandile, ikakhulukazi eNingizimu Afrika. 'iningi lethu lizibona liphumela nasemazweni angaphandle okanye sibone ingxenye yokwenzeka ngaphandle ukwazi ukuthi amathuba afana nalawa afezekiswa imifundaze efana nalena kuhle kakhulu.
URamahuta umatasa uyazilungiselela, ulolonga nendlela azodlala ngayo kowamanqamu.
Uzobasemzuliswaneni wokuqala mhlazingama- 27 kuNcwaba. Abangeneli abane - ababili esigabeni ngasinye seWestern Art ("classical") Music ne Jazz - bazoqhudelana mhlazingu- 29 kuNcwaba.
Umzuliswano wokugcina, ovulekile emphakathini, ufaka izihambeli ezikhethekile nabazonandisa abasuka emikhakheni eyehlukene yezomculo kufaka nenoni leNingizimu Afrika elihlanganiselwe lomcimbi.