I-UKZN ithuthukisa izichazamazwi zemikhakha ehlukene zesiZulu nesiNgisi
Click here for English version
Umbono we-UKZN ukuthi bonke abafundi babe nezichazamazwi zesiZulu nesiNgisi uma besemakilasini yilokhu okuyimbangela yomsebenzi owenziwayo wokuthuthukiswa kwezichazamazwi zemikhakha ehlukene.
Ihhovisi leNyuvesi lezokuHlelwa nokuThuthukiswa koLimi (ULPDO)libambe umhlangano wokucobelelana ngolwazi ngokwakhiwa kwesichazamazwi sesiZulu obusekhempasini e-Westville lapho bekuthuthukiswa khona umhlahlandlela ozosetshenziswa yimikhakha ehlukene okubalwa kuyo ezobuHlengikazi nezemiDwebozakhiwo.
Lo mhlangano ubuphethwe uMnu Mpume Mbatha oyisazi kwezokwakhiwa kwezichazamazwi zesiZulu oneminyaka engaphezulu kwama-30 kulomkhakha. UMbatha ubalule ukuhlela ngaphambi kokuthuthukisa isichazamazwi njengesinyathelo esibaluleke kakhulu, uphinde wagcizelela nokubaluleka komhlahlandlela wokubhalwa kwesichazamazwi ochaza ngezingxenye ezahlukene zesichazamazwi ukuthi kumele zihlelwe kanjani.
UMbatha, oyinhloko ye-National Lexicographic Unit uthe bangaphezulu kwamaphesenti angama-80 abantu abakhuluma isiZulu KwaZulu-Natali.
Umhlangano ubuye waba nezingxoxo ebeziholwa uSolwazi Abednego Maphumulo obengusihlalo wohlelo lokwakha umhlahlandlela ozosetshenziswa yimikhakha ehlukene ekwakheni izichazamazwi.
Umqondisi we-ULPDO uDkt Langa Khumalo uthe iNyuvesi isemkhankasweni ohlelekile wokuthuthukisa amatemu emikhakha ehlukene. “ Ongoti bezolimi nongoti emikhakheni ehlukene bachitha isikhathi eside benkankanya amatemu ngesiNgisi nangesiZulu emihlanganweni esuke ihlelwe i-ULPDO.’ Lokhu kwenziwa ngokubambisana nehhovisi leBhodi Yezilimi i-Pan-SALB lesifundazwe saKwaZulu-Natali.
UKhumalo ubonge uMnu Mbatha nabo bonke abebebambe iqhaza ngokuba yingxenye yalomhlangano
u-Raylene Captain-Hasthibeer