
Abafundi bezeziMali baziswe ngendlela abasazoyihamba
Click here for English version
Abafundi bezifundo ze-Honours batshelwe abangabaqashi bakusasa ukuthi kulindelekeni emsebenzini nokuthi amakhona abafundi abawathole e-UKZN ayisiqalo esihle emsebenzini abawukhethile.
Enkulumweni yakhe ebibhekiswe kubafundi abangama-60 ngesikhathi kwamukelwa abafundi esikoleni sezokuHlelwa KwamaBhuku Ezimali, EzoMnotho NezeziMali uMnu Geoff Noble ongumphathi kwa-Grinrod ulandise abafundi ngaseke wahlangabezana nakho njengoMphathisikhwama nezinto ayefisa ukuba wayezazi esengumfundi.
‘Namuhla ngizokhuluma nani mayelana nengikwenzayo emsebenzini wami, nengakwenza futhi nengakufundela ukuze ngizithole ngisebenza ngokuphatha izimali ngiphinde ngikhulume ngengifisa engabe ngangikwazi phambilini,’ kusho u-Noble.
‘Kumele ufundeleni ukuze ube uMphathizimali? Iziqu ze-honours kwezeziMali isiqalo esihle, okulandelayo ukwenza uhlelo lwezifundo i-CFA, ukufunda imibhalo enhlobonhlobo, ukuthola ulwazi nokuqeqesheka emsebenzini ngoba ngeke ukwazi ukuqeda enyuvesi bese ungena emsebenzini uqale uphathe izimali,’ kusho u-Noble.
Ubaluleke ngokuthi abafunde ukwakha uhlaka lwezezimali olufanele nokuthi bakwazi ukusebenzisa i-Microsoft Excel ngendlela eyiyona ngoba iyithuluzi abazolisebenzisa nsukuzonke. Ubagqugquzele ukuthi balindele izinto eziyikho ngomsebenzi futhi bazimisele ngokuqala ukusebenza ezingeni eliphansi.
Ofundisa ezeziMali nongumxhumanisi walolu hlelo uMnu Farai Kwenda, uthe abafundi bakuthokozele ukuzwa kumuntu osesebenza mayelana nokujabulisayo futhi nokuyizinselelo kulemboni.
‘Ngithemba ukuthi lokhu kuzobasiza ekwakheni ikusasa labo uma sebekhetha imisebenzi, abazokulindela emsebenzini futhi nokuthi babe nesithombe sokuthi ukuphatha izimali kuyini. Inkulumo yalolu hlobo yakha isisekelo esiqinile sonyaka wezifundo zabo ze-Honours,’ usho kanje.
uThandiwe Jumo