
Abafundi abahlala ngaphakathi ekhempasini i-Edgewood bebenomgidi wezamasiko
Click here for English version
Abafundi basezindaweni zokuhlala ekhempasini i-Edgewood bebenosuku lokuqwashisana ngamasiko ezakhiweni zezemidlalo emuva kwezehlalakalo zokucwasa ngokobuzwe ezithinte nabokufika abangabafundi base-UKZN.
Lolu hlelo obulinesihloko esithi : "Sabelana ngolwazi lokufanayo futhi sijabule ngokwahlukahlukana kwethu", luhehe abafundi abahlala ekhempasini abangaphezulu kwezi-1500 lapho bekukhonjiswa ngamasiko ahlukene akhona phakathi kwabasebenzi nabafundi.
Uhlelo losuku luqale ngemashi yoxolo ezungeze ikhempasi ebikhombisa uvo lwe-UKZN nokweseka kwayo umkhankaso wokulwisana nokucwasa ngokobuzwe ngaphansi kwesiqubulo esithi : "I-Africa Eyethu Sonke – Masibumbane".
Emva kwemashi, abebebambe iqhaza baphinde bangenela umncintiswano lapho bebezikhethela isiko kwamanye atholakala ezindaweni zokuhlala bese benza okungumculo, umdanso nokunye ubuciko obenziwayo, umdlalo weshashalazi nemisebenzi yezandla yalelosiko.
I-Royal Kingdom, ebeyenza okwesiko lwesiZulu idle umhlanganiso, kwathi endaweni yesibili kwalandela uMdoniwood (Setswana) neRoyal Estate (IsiXhosa).
Obhekene neMpilo ezindaweni zokuHlala, uJulian King ubonge zonke izindawo ezihlala abafundi ngokuzinikela ngalobu busuku.