
STEC@UKZN iyisa inkulumo i-share and dare yesithathu esikoleni
Click here for English version
Konke bekumi ngomumo ngenkulumo yesithathu ye-NSTF i-share and dare esiZindeni sezokuFunda ngeSayensi nobuChwepheshe (STEC@UKZN). Abafundi abalinganiselwa kwabangamashumi ayisikhombisa kwakulindeleke ukuthi bethamele inkulumo ebizokwethulwa nguSolwazi u-Anne F. Grobler ongumqondisi we-DST/NWU Preclinical Drug Development Platform eNyuvesi yase North West.
Ngeshwa ngalolo suku abashayeli bamatekisi babetelekile, nokwenza ukuthi abafundi bangawatholi amatekisi azobathutha abayise e-Science Centre. Omunye umhleli waloluhlelo, uNksz Christina Stamper ovela enhlanganweni i-Umkhumbane Schools Project, waqhamuka nesisombululo salenkinga. Uma abafundi bengakwazi ukuza e-Science Centre yini kungathathwa u-Grobler ayiswe esikoleni?
Kuphethe ngokuthi u-Grobler ethule inkulumo yakhe kubafundi abangaphezulu kwamashumi amane basesikoleni i-Wiggins High emtapweni wolwazi waseMkhumbane e-Cator Manor. Izethameli zathola ulwazi mayelana nemithi nokuthakwa kwemithi yokwelapha. Enkulumeni yakhe u-Grobler waphinda wacacisa ngamathuba emisebenzi akhona emkhakheni wokuphathelene nokwakhiwa kwemithi.
Uhlelo lwe-NSTF share-and-dare lwasungulwa njengengxenye ye-NSTF BHP Billiton Awards ukunikeza abaklonyeliswe ngezindondo ithuba lokuba ngamanxusa eSayensi, ubuNjiniyela, ubuChwepheshe nokuQambakabusha, baphinde babe ngabantu intsha ebukela kubo, kulowonyaka abathole ngawo izindodo zabo. U-Gobler wahlomula ndendondo yakhe yokuxhasa ngokunohlonze e-SET ngakwezokuphatha neminye imisebenzi kule minyaka emihlanu kuya kweyishumi eyedlule.
Tanja Reinhardt