Mnu December Mpanza. Umenyelwe Ukuzophatha Umhlangano Wokucobelela Ngolwazi Mayelana Nokusentshenziswa Kwezidakamizwa eHawaii
Click here for English version
UMnu December Mpanza uzophatha umhlangano wokucobelela ulwazi ngokuhlukunyezwa kokusetshenziswa kwezidakamizwa okuselwe ocwaningweni lwakhe alwenze la eNingizimu Afrika kwikhomfa ebizwa nge- 41th Annual National Association for Rural Mental Health Conference eHawaii, phesheya kwezilwandle (USA).
Ixhaswe iKolishi Lezifundo Zezempilo esekelwe nguMeluleki wakhe, uNkk Pragashni Naidoo. Lo msizimfundisi omkhulu wezifundo zezokwelulamisa emsebenzini uthe uzwizwa ehloniphekile futhi ethobekile ukuyoba ingxenye yekhomfa waphinde wanikezwa nethuba lokukhuluma ngokwengeziwe kunalokho abekulindele.
’Ngiyawubona umusa kaNkulunkulu emsebenzini wami,’ kusho uMpanza. ‘Into engiyithokozela kakhulu ngomsebenzi wami ukubona ukuthi ngibambe iqhaza ekwakhiweni kolwazi. Ngizizwa ngisendaweni efanele e-UKZN.’
UMpanza ubesanda kwethweswa iziqu ze-Masters kwizifundo zezokweLapha Emsebenzini e-UKZN emuva kokuqeda isifundo sesihloko esithi: "Substance Abuse Rural Realities, Experiences ?of Service Providers, South Africa".
Isifundo sikhanyise izehlakalo nemiphumela yokuhlukumeza ukusebenzisa izidakamizwa KwaZulu-Natali kwisifunda saseMkhanyakude lapho, izimpilo zabantu abasha nabantu ababaseduze nabo bekhungethwe ingcindezi, ukucindezelwa ngontanga, izidakamizwa ezingenamkhawu, ubumpofu kanye nokweswela imisebenzi. Lokhu kucindezeleka kudala inqwaba yezehlakalo zabagula ngokomqondo.
Lokhu kubeka ingcindezi enkulu kwabanikezeli bosizo lwezempilo ekubeni le nkinga inganqandeka kumsuka wayo,’ kusho uMpanza.
UMpanza ukuvumile ukuthi kukhona abanikezeli bosizo abazikhandlayo ababhekelene nokusetshenziswa kwezidakamizwa baphinde baqikelele ekuthuthukiseni izimpilo emiphakathini edinga usizo.
Kepha ukuphiliswa ngokomqondo kwakunganakwa, ngokubona kwaMpanza, futhi bekungabi yingxenye yezempilo ezimqoka. Ukholelwa ekutheni lokhu kudinga ukuthi kubhekwe ngokushesha iminyango kahulumeni efanele.
Isifundo sakhe siphakamise ukuthi iKwaZulu-Natali inezindawo ezimbalwa zokuhlenga abasebenzisa izidakamizwa ezivuleleke kwamalunga omphakathi. Iningi lazo zizimele, okusho ukuthi abantu abahlala emiphakathini yasemaphandleni banemali engenele yokuthi bakwazi ukungena kuzo nokudala ukuthi abasebenzisi bezidakamizwa badikibale bangazisebenzisi lezi ndawo.
Bekunohlelo lokunakekela obelungagculisi. ‘Lokhu kubiza ukuthi kubenoguquko kwizinsiza zabahlukumeza ukusebenzisa izidakamizwa kube nohlelo oluzogxila futhi lutholakale khona emphakathini okwenzela ukuthi iningi likwazi ukuthola usizo,’ kusonga uMpanza.
UMpanza ushayelwe ihlombe ngesikhathi ethula isifundo sakhe ekuqaleni konyaka eMedical Research Council’s South African Coummunity Epidemiology Network on Drug Use (SACENDU), enikezela ngolwazi nge-alcohol, tobacco and other drug (ATOD), kanye nezinto zesimanje, ubungozi obuhlobene nokusebenzisa i-ATOD, inani labantu abasebenzisa lokhu, kanjalo nemiphumela ye-ATOD eNingizimu Afrika.
UMpanza uyilungu le-Rural Rehab South Africa ngaphandle kokhuthi asebenzele ukuthi amanye ama-athikhili awabhalile ashicilelwe kususelwa ocwaningweni lakhe, usezinhlelweni zokusungula imodeli yabasebenzisa izidakamizwa ngokungalungile ezogxila emphakathini nesihehe imnyango yezempilo nokuthuthukiswa komphakathi.
UMpanza uthe ubenenhlanhla yokwaziswa nge-OT profession (Izifundo ngezokwelulamisa emsebenzini) esasebangeni lesishiyagalombili (grade eight) ukulangazelela ukuqhuba izifundo zakhe ze-PHD emgqeni ofanayo nalo awusebenzayo.
Lunga Memela



