
Iqembu Lekhilikithi Lase-UKZN Liqokwe Njengompetha Beligi I-Castle Challenge
Click here for English version
Iqembu lase-UKZN lekhilikithi limenyezelwe njengompetha beligi iCastle Challenge yama-ova angama-50 kanye ne-Castle Challenge 20/20 emcimbini weKwaZulu-Natal Cricket Union wokunikezelwa kwemiklomelo wezi-2014/2015 obuseThekwini.
USihlalo we-UKZN Cricket Club uSumath Sunkari, ongumfundi weSayensi yezamaBhizinisi oqedela izifundo zakhe ze-Honours kwezeziMali, uthe: ‘Iqembu le-UKZN 1st XI aligcinanga nje ngokunqoba imincintiswano yama-ova angama-50 neye-20/20 kodwa liqede isizini lingakaze lihlulwe kuzona zombili izinhlobo zalomdlalo.’.
U-Sunkari uyaziqhenya ngempulelo yeqembu ngesizini edlule. ‘Impumelelo ibe umphumela wezinhlelo ezithathe izinyanga, amalungiselelo nokusebenza kanzima kwabadlali, ikomdi eliphezulu nabaphathi bezemidlalo,’ kusho u-Sunkari.
‘Ukuzimisela, ukuzikhandla nokusebenza okusezingeni eliphezulu kwamaqembu kube ngokwedlulele kokwebengikulindele futhi ngithokoze kakhulu ngezinga lentuthuko eyenzeke ezinyangeni eziyi-12’
Kuningi okunqotshiwe kulo mcimbi we-KZN Cricket Union wokunikezelwa kwemiklomelo lapho iqembu i-UKZN 3rd XI limenyezelwe njengompetha ngokulingana esigabeni sesi-2.
UFabian Lazarus, ongumqeqeshi we-UKZN 1st XI uklonyeliswe njengoMqeqeshi weQembu Ovelele kuleSizini kanti u-Richard Wissing uqokelwe umklomelo we-Castle Challenge League Batsman of the Season no Senuran Muthusamy naye oyilungu le-1st XI uthole umklomelo wokuba yi-Provincial Player of the Season.
Abadlali beqembu bamatasa benza izifundo zeziqu ezinhlobonhlobo ezifana nezobuNjiniyela, iSayensi yezeNhlalo kuya kwezeBhizinisi, ezeSayensi yamaKhomputha neyekweLapha.
USunkari uthe uhlelo lwekhilikithi lwakhiwa ngendlela evumela abadlali ukuthi bakwazi ukufeza izidingo zabo zokufunda nezemidlalo, obekuba izifundo emini nokuzilolongela ikhilikithi ebusuku obekuvamise ukuba izinsuku ezintathu ngesonto.
‘Ukuzilungiselela kwabadlali ngamunye elekelelana nomqeqeshi bekwenziwa ngaphezu kokuzilolonga okujwayelekile kweqembu ukuze ukuqinisekiswe ukuthi abadlali bakulungele ngokufanele ukudlala emidlalweni yangempelasonto. Kwakhiwe uhlaka olubhekelele intuthuko yabadlali ezifundweni nasenkundlelni yezemidlalo,’kusho u-Sunkari.
Okuvelele kwisizini yezi-2014/2015:
- URichard Wissing wenze amarani angama-539 ene-avareji yangama-44.9 emidlalweni ayidlalile kulesizini namarani angama-109 emdlaweni owodwa. Ubengumshayi marani ophezulu kulesizini.
- USahil Bissoon uthathe amawikhethi angama-31 ne-avareji engama-9.42 emidlalweni ayidlalile kulesizini namawikhethi ayi-5/33 emdlalweni owodwa. Ube ngumthathi wamawikhethi wesibili kwabaphezulu kwiligi
- USenuran Muthusamy ube ne-avareji engama-72.3 emidlalweni ayidlalile kulesizini namarani angama-127 emdlalweni owodwa waphinde wathatha amawikhethi angama-22 kulesizini lapho ethathe amawikhethi ayi-5/16 emdlalweni owodwa.
- USumanth Sunkari ube ne-avareji engama-69.3 yamarani emidlalweni ayidlalile kulesizini lapho eshaye amarani angama-93* waphinde wathatha amawikhethi angama-13 enezinga lokuvuza amarani elingama-2.93
- UCmeron Gordon, oyibhowla ephambili ye-1st XI, uthathe amawikhethi angama-27 okubalwa ukuthatha amawikhethi amahlanu emidlalweni emithathu lnezibalo ezingama-7/26.
Iqembu libonge abaphethe ezemidlalo ngokwesekaiqembu isizini yonke. ‘Impumelelo yethu enkundleni emaqenjini ethu wonke beyingeke yenzeke uma bebengasebenzi ngokuzikhandla.’
‘Okunye futhi ukubonga nabaqeqeshi bethu bonke ababambe iqhaza elikhulu ekwakheni isimo esivumelana nokudlondlobala,intuthuko nempumelelo emaqenjini wonke.’
USunkari ubonge abazali, ikomidi eliphezulu nabadlali ngokuzibophezela okukhulu ekuqinisekiseni ukuthi benza konke okudingekayo ukuze iqembu liphumele.
Raylene Captain-Hasthibeer