
Ubuciko the Art Okhozini FM
Click here for English version
Iqembu labaculi abathathu lase UKZN abazibiza/abaziwa nge-Ubuciko the art, bebeyingxenye yohlelo lwabantu abasha Okhozini FM elibizwa ngokuthi i-Youth Kiyona, olwethulwa nguNomfundo Mkhize kanye noPhumeza Dlodlongwana.
‘Siyijabulele kakhulu ingxoxo esibenayo noKhozi FM. Inhloso bekuwukugqugquzela abantu abasha ukuthi bengeze amakhono abo ezemfundo emculweni,’ kusho uNkululeko Mchunu, imbongi kuleli qembu.
Bebekuloluhlelo ukuzokwazisa abalaleli ngempumelelo yabo, laba abathathu baphinde bagqugquzele intsha ukuthi yenze okungaphezulu kokulindelwe kubo ukuze bafezekise izifiso zabo.
UMchunu uthe: ‘uma ungabuzi, impendulo kuyohlezi kungu cha, uma futhi ungayi phambili uyohlala endaweni eyodwa’
Iqembu Ubuciko selinandise ezindaweni eziningi, okufaka neDurban Playhouse ukugumba usuku lwabesifazane, 2014 Africa Day (usuku lweAfrika 2014) eDurban City Hall nakwama festivali njengoTime of the Writer.
Noma uhambo lwabo lukhombisa ingqubekela phambili, bebeengakayitholi inkampani engaqopha umculo wabo. Ngaphandle kwalokhu banethemba lokuthi maduzebazofezeka iphupho labo.
Luthando Msomi.