
Ikhonsathi I- Urban African Culture Lunch Hour Concert
Click here for English version
Isikole SobuCiko (KwezoMculo) sethule ikhonsathi yaso yokuqala i-Lunch Hour Concert yonyaka wezi-2015 lapho umdanso nomculo wase-Afrika bewuthulwa esiteji e-Howard College Thearte ngaphansi kwesihloko esithi : Urban African Culture.
Le khonsathi ebiholwa uNkk Nomfundo Zuma, uMnu Thamsanqa Silindana noMnu Lindani Phumlomo ibihlanganise izinhlobonhlobo zemidanso ezithokozelwe kakhulu yizethameli okubalwa ne-Township City Africa Dance ebididiyelwe uPhumlomo ebikhangisa ngokuxhumana komdanso wesimanje ‘i-Nae Nae’ yasesilungwini, ’i-Kwasa kwasa’ yasemalokishini nomdanso waseNtshonalanga Afrika obizwa ‘i-Kuku’.
Ekhuluma ngokuhlelwa nokudidiyelwa kwemidanso ayikhethile uSilingana uthe : ‘Umdanso i-Bhekuzulu Dance (Umzansi) udidiyelwe kukhunjulwa Inkosi Cyprian Bhekuzulu Nyangayezizwe Solomon, ongomunye wamakhosi aKwaZulu angasekho futhi onguyise weNkosi Godwill Zwelithini kaBhekuzulu.
‘Umzansi uyimidanso yesiZulu futhi uthathwa njengomdanso wamabutho kanti uyadanswa futhi nasemigcagcweni. Abadansi boMzansi basebenzisa isigubhu sasempini futhi uhlobo lomdanso olujwayeleke ebantwini baseMsinga nase-Bergville. Umzansi waqala ezindaweni zakwaMaphumulo naseNdwedwe.’
Okunye obekusesiteji amaculo anhlobonhlobo emigcagco yesiZulu, abebizwa ngoMshado. ‘ Lamaculo omgcagco wesiZulu abeculwa emigcagcweni yesintu eyaye ibanjelwe ekhaya likamkhwenyana. Emuva kwenkonzo yesonto, abashadayo bayashintsha bagqoke izevatho zesintu. Uma kushada abantu ababili abangamaZulu, umshado uhlanganisa imindeni yomibili kanye nabangasekho bakuleyomindeni., kuchaza uSilindana.
UZuma, ngakolunye uhlangothi, uqambe iculo Imbokodo (women) Style: Afro Jazz. ‘Iculo limayelana nabesifazane jikelele abangitholi ukuhlonishwa okubafanele. Iculo licacisa imisebenzi nokuzinikela okwenziwa abesifazane njengokubeletha kodwa namanje basathathwa noma kanjani. Iculo lakhe licaphune nenkondlo ethi Phenomenal Woman ebhalwe nguMaya Angelou.
Ikhonsathi libe yimpumelelo enkulu futhi abebethamele bakuqinisekisile ukuthi bazophinde bazothamela elilandelayo.
Melissa Mungroo