
Umfundi Wase-UKZN Uhambele Ingqungquthela Yezobuciko Namasiko
Click here for English version
Umfundi weziqu ze-Masters kwi-Applied Ethnomusiology e-UKZN uNkz Thabile Buthelezi uhambele ingqungquthela i-Arts and Culture Trust University of Johannesburg njengengxenye yethimba labayisithupha baKwaZulu-Natali.
Njengoba bekunguye kuphela omele i-UKZN, uButhelezi ubuze imibuzo emayelana nokuthuthukisa ezobuCiko NamaSiko eNingizimu Afrika kube kusetshenziswana nabantu abasha embonini.
Okumhlabe umxhwele kube ukulalela izikhulumi ezahlukene zikhuluma ngezindima nokuzimbandakanya kwazo okuqinisekisa ukuthi ukuqhubeka kwezobuCiko kuyaphumelela.
Izingqungquthela ezifana nalezi ziyalekelela ezingxoxweni nabanye abakulo mkhakha womnotho wezobuciko futhi ziholela ekusebenzisaneni phakathi kwamaciko nezethameli zengqungquthela. ‘ kusho uButhelezi. ‘Engikufundile ukuthi umnotho wezobuciko udlala indima enkulu emnothweni waseNingizimu Afrika.
Ngakho uxhaso ngezimali olukhulu nokwesekwa kumele kunikezwe imboni yezobuCiko namaSiko ukuze kuqinisekiswe ukuthi iyawuthuthukisa umnotho. Ukuxhaswa ngezimali kwemihlangano efana ne-10th Annual African Cultural Calabash ne-1st Annual African Music Symposium kumele kuthathwe njengokubalulekile kakhulu yizinhlangano ezixhasayo ngoba le mihlangano ayigcini nje ngokuthuthukisa futhi iqhubele phambili imboni kodwa yakha amathuba nezinkundla zobuciko
UButhelezi uthe izingqungquthela ezifana nalezi zibaluleke kakhulu ngoba ‘ uzibonela mathupha ukuthi amanye amaciko enzani, ufunde, ubuze imibuzo futhi nisebenzisane nibe nixhumana’.
Melissa Mungroo