.jpg)
Kwethulwe Uhlelo Lwezifundo Zonyaka Wokugcina Zabafundi Bezokwelapha
Click here for English version
Inhloso yeSikole SezokweLapha sase-UKZN ukukhiqiza odokotela abasezingeni eliphezulu eNingizimu Afrika, kusho iDini EyiNhloko Yesikole SezokweLapha uSolwazi Richard Hift.
UHift ubekhuluma ngenkathi isikole sinosuku lokwamukela abafundi bonyaka wokugcina okwethulwe ngalo uhlelo lwezifundo zabo zonyaka wokugcina.
Ikilasi lezi-2015 lizotshalwa ezibhedlela ezifundisayo esifundazweni saKwaZulu-Natali njengodokotela abasaqeqeshwa lapho ukuhlolwa kwabo kuzophathwa yithimba longcweti ababuya emikhakheni ehlukene yezempilo.
UHift uthe ubungcweti nokwenza izinto ngendlela elungileyo kuyisisekelo sezokwelapha futhi ubuye wagqugquzela abafundi ukuthi benze umsebenzi wabo ngokuzimisela nenkuthalo.
Abafundi bazohlolwa kuleminxa ukuba abelaphi abanekhono, ukuxhumana, ukubambisana, ukufunda kanye nobungcweti unyaka wonke. Uthe la makhono abaluleke wonke futhi ahambisana nokwethembeka emphakathini.
UDkt Paula Diab noDkt Mosa Moshabela woMnyango wezeMpilo YaseMaphandleni utshele abafundi mayelana nomsebenzi wabo wasemaphandleni lapho egcizelele khona ukuthi kusekuningi okumele kufundwe ngezempilo emakhaya emiphakathini entulayo esifundazweni.
Abafundi bathulwe kubasebenzi base-UKZN nabasebenzi boMnyango WezeMpilo abazobasiza ngezinto ezinhlobonhlobo ngokuhamba konyaka.
Umphathi WezeNsizakusebenza Zabafundi eKolishi Lezifundo ZezeMpilo uNkk Ranitha Ramdeyal ugcizelele ukubaluleka kokuthi abafundi babhalise noMkhandlu Wezabaqeqeshelwe Ezempilo waseNingizimu Afrika uma sebethole iziqu zabo kuMbasa wezi-2016.
Enkulumweni yakhe yokugqugquzela, owayengumfundi osengumelaphi, uDkt Sifiso Ngcobo ukhulume ngezinselelo nokugqamile enyakeni wakhe wokugcina ohlelweni lwezifundo zakhe ze-MBChB.
Umfundi wonyaka wokugcina uNkz Penny Ndukuya uthe: ‘Akukholakali. Kusabukeka sengathi kuseyizolo sifika esikoleni sezokwelapha kodwa manje sesizondele kakhulu ephusheni lethu.’
UNdukuya ubebambe iqhaza emsebenzini waminyaka yonke wokusiza umphakathi iProject Hope futhi eyilungu lekomidi le-Rutral Development Club yase-UKZN.
uLunga Memela