Abafundi base-UKZN Bezifundo ze-Optometry babambe iqhaza elibalulekile ekuqwashiseni ngokunakekela amehlo.Umnyago We-Optometry wase-UKZN Ubungaza Usuku Olwaziwa Ngele- World Glaucoma Day
Click here for English version
Umkhakha we-Optometry waseNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) usanda kusingatha umcimbi wokuqwashisa ngesikhathi bebungaza i-World Glaucoma Day ekhempasini yase-Westville, lapho abafundi bekhuthazwe khona ukuthi banakekele amehlo abo bahlole mahhala i-glaucoma.
Abafundi be-Optometry asebemnkantshubomvu benze uchungechunge lokuhlola ingcindezi yamehlo ukuze basize ukusheshe bathole izimpawu ze-glaucoma kubafundi base-UKZN. Lolu hlelo beluhlose ukuqwashisa ngalesi simo futhi lugcizelele ukubaluleka kokuhlolwa kwamehlo okujwayelekile ukuze kuvinjwe ukungaboni okungagwemeka kusanesikhathi.
Inhloko Yalomkhakha, uDkt Naimah Ebrahim Khan, ugqamise ubucayi balesifo nokubaluleka kokutholwa kwaso kusenesikhathi. “I-glaucoma iyiqoqo lezifo zamehlo ezilimaza i-optic nerve, evame ukuvela ngokuthi kube nengcindezi edlulele ngaphakathi esweni, futhi ingenye yezimbangela eziphambili zokungaboni/zobumpuputhe impilo yakho yonke,” kusho yena. “I-glaucoma evame ukubizwa ngokuthi ‘isela elintshontsha ukubona unganakile,’ iqala kancane futhi ngokuvamile kungabi nazinhlungu noma izimpawu ezisobala eziyisixwayiso. Abantu abaningi abanalo ulwazi lokuthi banalesi sifo kuze kube yisikhathi la bengasaboni nhlobo ngokuphelele.”
Wachaza ukuthi ukuhlolwa kusanesikhathi kusengenye yezindlela eziphumelela kakhulu zokuvikela ukugcina ungasaboni. “Ukuhlolwa kwamehlo okuvamile kuyakwazi ukuthola i-glaucoma esikhathini eside ngaphambi kokuba kuvele izimpawu zayo, okuvumela ukwelashwa kusheshe kuqale. Lokhu kubaluleke kakhulu kubantu abasengozini enkulu, kuhlanganise nalabo abaneminyaka engaphezu kwengama-40, abantu abanomlando we-glaucoma emndenini, nabantu bozalo lwase-Afrika noma lwase-Asia.”
UDkt Nombuso Mathe, oyiNhloko yophiko lomkhakha we-Ophthalmology e-UKZN, naye ufake isandla ekuqwashiseni umphakathi nge-glaucoma. Uthe: “Njengochwepheshe we-glaucoma, ingxenye enzima kakhulu yengxoxo ukuchazela umuntu ukuthi useyimpumputhe ngoba akubuyiseleki emuva.
Iziguli zivame ukushaqeka futhi zikhombise ukuba nengcindezi, kuba nzima ukuqonda ukuthi ukubona kwabo sekungavele kushabalale kalula kanjalo ngaphandle kwesexwayiso. Lesi isihluku esithule du esidalwa yi-glaucoma. Akufani ne-cataract, lapho ungungaboni kungase kungelashwa ngokuhlinzwa kwamehlo, i-glaucoma ibangela ukungaboni unomphela. Unyaka ngamunye, Iviki Lomhlaba Lomhlaba Le-glaucoma lisikhumbuza ngaleli qiniso. Indikimba yangowezi-2026 ethi, ‘Ukuhlanganisa Umhlaba Ongenayo I-Glaucoma’, icela abezokwelapha, abacwaningi, izinhlelo zezempilo kanye nemiphakathi ukuthi basebenzisane ukuze kuvinjelwe ukungaboni/ubumpumputhe okungagwemeka. Nakuba lo mbono ukhuthaza, uyasiphoqa futhi ukuba sibhekane neqiniso elingakhululekile: uhambo oluya ezweni elingenayo i-glaucoma ayifani yonke indawo.”
Umkhankaso wokuhlolwa owenziwe ekhempasini yase-Westville uphinde wanikeza ulwazi olubalulekile lwezokwelapha kubafundi be-Optometry abebenza loku hholwa. Umfundi we-Optometry owenza unyaka wesine uMnu Nihal Singh uthe lesi sipiliyoni sigqamisa ilukuluku labafundi nokubaluleka kwemfundo yezempilo yamehlo.
“Ngibonile ukuthi abafundi bethu banothando lokuba nolwazi ngendlela emangalisayo - bawenza aphile amazwi athi ‘ungesabi lutho kodwa buza yonke into,’” kusho yena. U-Singh ukhumbula ngesikhathi enza ukuhlolwa lapho athola khona i- cup-to-disc ratio enkulu, okungaba inkomba yokwanda kwengcindezi emehlweni. Nakuba akuchaza kahle ukuze agweme ukwethusa isiguli, umfundi ngokuhamba kwesikhathi wacwaninga ngalesi simo wabuya esenemibuzo eminingi.
"Lokhu okuhlangenwe ngakho lapha kukhombisa ukuthi i-optometry ingaba mnandi kangakanani lapho abantu beqonda kancono okuhle ngayo," esho. “Kuphinde kugqamise ukuthi kubaluleke kangakanani ukuqaphela isimo sempilo yamehlo akho.” Ukuhlolwa kwamehlo njalo ngemva kweminyaka okusuka kowodwa nohhafu kuya kwemibili kungasiza abantu basheshe babone izinkinga ezingaba khona.”
Umfundi owenza unyaka wesithathu uNksz Taliah Arjun uthe ukuqeqeshwa kwakhe e-UKZN kumnike ukuzethemba kokukwazi ukubona nokumelana nezinsolo/izinkomba ze-glaucoma. “Njengoba ngiqala ukubona iziguli eziningi, sengiyazazi izimpawu ze-glaucoma nokuthi yini okufanele ngiyilindele ngakwezokwelapha,” kusho yena. “Nakuba i-glaucoma ivame ukubonwa ngokungeyikho noma ishaywe indiva, ukuqwashisa kanye nemfundo ejulile esiyithola e-UKZN isenza sibe nesibindi sokuhlonza okungenzeka sibe nezinkinga zakho futhi silawule noma sidluliselwe phambili kubo ngendlela efanele.”
Umfundi owenza unyaka wesine uMnu Thabiso Chili uchaze isenzo sokuhlola abafundi afunda nabo njengento ezuzisayo nefundisayo. “Kube engihlangene nakho okujabulisayo, ikakhulukazi lapho ngihlola engifunda nabo engibazi mathupha,” esho. “Kungivumela ukuthi ngibalandele futhi ngiphendule imibuzo yabo mayelana namehlo abo ngisho nangaphandle kwasemsebenzini, okusiza ukwakha ubudlelwano besikhathi eside neziguli zethu.”
Uphinde wakhuthaza abafundi ukuthi basebenzise imikhuba yokunakekela amehlo nokubuka izinto ngendlela elungile, ikakhulukazi esikhathini sedijithali lapho ukusetshenziswa kwesikrini isikhathi eside kuyinto evamile.
“Abafundi basemaNyuvesi bavamise ukuchitha amahora amaningi bebuka izinto zobuchwepheshe bedigithali, ezinamamdla okukwazi ukucindezela amehlo,” echaza. "Imikhuba elula efana nokubamba amathuluzi edijithali ebangeni elifanele, ukugcina ukucwayiza okugcwele, nokulandela umthetho we-20-20-20 - ukubheka okuthile okungamamitha angama-20, imizuzwana engama-20 njalo ngemizuzu engama-20 - kungasiza ekunciphiseni loko okubizwa nge-visual stress."
Lo mcimbi wokuqwashisa awugcinanga ngokusiza ekuhlonzeni izinkinga zamehlo okungenzeka phakathi kwabafundi kodwa futhi ugcizelele ukubaluleka kokuhlolwa kwamehlo okuvamile nokugwema kusanesikhathi.
Umbhalo: wu-MaryAnn Francis
Izithombe: Zithunyelwe



