UDkt Viloshin Govender (ophakathi) nabafundi beZifundo Zemidwebo YeZakhiwo.Umsebenzi Wabafundi Wokuvikela Imvelo Ezindaweni Ezisemadolobheni
Click here for English version
Ngaphansi kwesandla somdidiyeli wabafundi abenza unyaka wesithathu, umfundisi omkhulu eSikoleni Sezifundo Zemidwebo Yezakhiwo uDkt Viloshin Govender, kusungulwe isitudiyo ukuze kubhekwe iqhaza lomkhakha wemidwebo yezakhiwo emphakathini.
Lo msebenzi ubuhlose ukubuyekeza ukuthi ukudweba kungaba naliphi iqhaza ezindaweni zokuhlala ezingacekeli phansi imvelo ngemikhankaso emincane kodwa enegalelo elikhulu.
Umsebenzi wabafundi, obengukudweba indawo yokuchama yabamabhizinisi angabhalisiwe, ungabukeka umncane kodwa umphumela wawo mkhulu ekuxazululeni enye yezinselelo ezihlale zihlupha kodwa ezinganakwa, okungukuhamba kwamanzi, ukubuyisa isithunzi nokuthi abantu abahlwempu basebenzise lezi zindawo.
Lo msebenzi, wenze abafundi ukuthi babhekane nezimo zemihla ngemihla zenhlalo yabantu abahlala nabasebenza emaphethelweni amadolobha. Esikhundleni sokubuka ukuthutha umchamo ngeso longcweti, abafundi basibuke ngeso lomphakathi, ezokuhlala, ezemvelo nokubuyisa isithunzi, bavuma ukuthi ukuthuthelwa umchamo ngendlela ephephile nenesithunzi kuhambisana namalungelo abantu, ezempilo yomphakathi nobulungisa emadolobheni.
Ngokubambisana ne-Asiye Etafuleni, inhlangano yomphakathi esebenzisana nabahwebi abanamatafula okudayisa nemiphakathi ehlwempu yasemadolobheni, abafundi basebenzisane nabantu abakhona bakulezi zindawo, badingida izingqinamba zalezi zindawo zasemadolobheni ezinalezi zinselelo. Lokhu kubambisana kwenze lo msebenzi wabangumsebenzi obandakanya abantu, oholwa ngokubambisana nomphakathi nothinta abantu ngempilo ethinta bona. Abafundi bekufanele balalele, babuke, bahlonze imibono yabo ukubhekana nesimo somphakathi kunokuthi bawufunze izixazululo.
Le ndawo yokuchama ibengumsebenzi omncane wengqalasizinda onomphumela omkhulu. Iziphakamiso zithinte indaba yokusebenzisa amanzi ngokuwonga, ukwakha okungabizi, ukwakha into eqinile, ukulungiseka kalula, ukuphepha, ukufinyelelela kalula nokubuyisa isithunzi kubantu. Okubaluleke kakhulu wukuthi imidwebo yabafundi awathathangwa njengemisebenzi ehamba ngayodwa kodwa njengezinto zokuhweba nezomphakathi nezixhumene. Abafundi babheke ukuthi umsebenzi owodwa wengqalasizinda ungayeseka kanjani impilo yomphakathi, uphucule isimo sezemvelo, wandise ukuphepha futhi wenze impilo yemihla ngemihla yasedolobheni yabantu ibenesithunzi.
Lo msebenzi ukhombise ukuthi abadwebi bezakhiwo bangasebenzisana kahle kanjani namabhizinisi angabhalisiwe ebambisene nawo, hhayi ephikisana nawo. Ufake inselelelo kwiizindlela ezijwayelekile zokudweba imidwebo yezakhiwo, wakhuthaza indlela yokucabanga esekelwe kwinhlalo yabantu, eshintshile nefaka umphakathi. Abafundi bafunde ukuthi ukuvikela imvelo akugcini ngezimpahla nokusebenza kukagesi kodwa kusho ukuhlanganisa abantu, ukuqina komnotho nokubaneqiniso ngokwezindawo zokuhlala.
Ekugcineni lo msebenzi ukhombise ukuthi ukuvikela imvelo kusho ukwenza izinto ngendlela eqotho. Ngokuhlelela izinto zokuhambisa umchamo ezimweni zasemadolobheni zobuhlwempu, abafundi baphose esivivaneni sombono obanzi wamadolobha avikela imvelo, okungamadolobha angagcini nje ngokusebenza kahle kodwa futhi anokulingana, anobuntu nafaka bonke abantu.
Lo msebenzi ukhombisa ukuthi ngisho imisebenzi yokudweba izakhiwo imincane kangakanani kodwa uma isekelwe kuzwelwano, ukubambisana nokuhlonza amadolobha kungabaneqhaza kanjani lokubumba izindawo zokuhlala ezinesithunzi nezivikela imvelo.
Amagama: wu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



