UNks Luyolo Nqala.Umfundi Wase-UKZN Uhlomule nge-Allan Gray Fellowship Ukuphucula Ukubawumholi Wamabhizinisi
Click here for English version
INyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) ithakasela ukuqokwa komfundi owenza unyaka wesibili we-Bachelor of Commerce in Finance and Economics uNks Luyolo Nqala kwi-Allan Gray Fellowship Programme, uhlelo oluhlonishwayo oluhlose ukubumba abaholi bamabhizinisi bangomusa baseNingizimu Afrika.
UNks Nqala, uthi umzuzu aziswa ngawo ngalo mklomelo wamthinta kakhulu futhi wamzuma.
“Eqinisweni namanje angikakholwa,” kusho uNks Nqala. “Indlela uhambo lwami olwaqala ngayo enyuvesi… namanje angikaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga ngiyothola umklomelo onjena. Ngaphezu kwalo mklomelo, ngibonga ngiyanconcoza futhi ngikhululekile. Ukukwazi ukwenza impilo kamama ongikhulisa yedwa ukuthi ibelula kade kwabayisifiso sami kanti ngalo mfundaze sesifezekile leso sifiso.”
Kulo mfundaze kukhethwa abafundi abambalwa minyaka yonke hhayi ngokwemiphumela yabo kuphela kepha futhi ngokukhombisa amagalelo abo kwezamabhizinisi nobuholi. Nakuba lo mfundaze uhlinzeka ngosizo lwemali kepha inhloso enkulu wukuthuthukisa abaholi abanamandla okubamba iqhaza elibonakalayo ekukhuliseni umnotho nokushintsha umphakathi.
“Lo mfundaze uzokhokhela izifundo zami nendawo yokuhlala, unginike imali yokuzibheka zinyanga zonke, ukunakekela impilo yami nokuthola usizo lwezifundo,” kuchaza uNksz Nqala. “Ngale kosizo lwemali yokufunda, ngithola into enkulu, okuwukwazana nabantu esicabanga ngokufana nabo nabazinikele ekusimameni.”
Kuloluhlelo uzocijwa yilungu lamaphethe umfundaze nomuntu onamava kwezamabhizinisi, uzothola indlela yokufunda ngobuchwepheshe ehleliwe, uzoya kwizingqungquthela zaminyaka yonke, izithangami nezigcawu zokwabelana ngolwazi ukuzithuthukisa yena uqobo noma ukuba ngumholi wamabhizinisi.
Uma ebheka izifiso zakhe, uNks Nqala ugcizelela ukuzibophezela kwakhe ukusebenzisa ibhizinisi njengesikhali sokushintsha umphakathi.
“Injongo yami enkulu ukuthi ngiqede lapha nginolwazi, ubuhlakani nokuqonda ukuze ngikwazi ukubuyisela emphakathini ngebhizinisi. Ngikholwa wukuthi ibhizinisi akusiwo umsebenzi umuntu awukhethayo kepha uyisikhali esikhulu soshintsho. Idala amathuba, ibuyisa isithunzi futhi iguqula imiphakathi,” kusho yena.
UNks Nqala ukholwa wukuthi iqhaza lakhe ezinhlanganweni zabafundi ezigxile kumabhizinisi ezinjenge- Association of Black Securities and Investment Professionals (ABSIP) ne-Enactus libeneqhaza empumelelweni yesicelo sakhe.
“Ngicabanga ukuthi okungenze ngagqama wukuthi ngibambe iqhaza ezinhlanganweni eziningi ezingibumba ukuthi ngibewumholi kodwa futhi ngicabanga ukuthi bengizethemba endleleni engiziphethe ngayo kwinhlolokhono, nakuba bekunzima kakhulu,” kusho yena.
Ekhuthaza abanye abafundi okungenzeka ukuthi balahle ithemba ezifundweni, ukhulume ngethemba. “Kwesinye isikhathi kukekubesengathi usebunzimeni obukhulu kodwa khumbula ukuthi uma usesimweni esinjalo kukodwa ongakwenza. Ungayeki ukuzethemba.”
UMqondisi oMkhulu woPhiko LwezokuXhumana e-UKZN uNks Normah Zondo ubongele uNks Nqala ngempumelelo yakhe, wabalula ukuthi ukukhethwa kwakhe kuhambisana negama leNyuvesi elihle nohlobo lwabafundi bayo.
“Ngempela lena yimpumelelo enkulu nobufakazi bomsebenzi nokuzinikela kwalo mfundi,” kusho uNks Zondo. “Kuthinta amandla abafundi bethu kwezamabhinizinisi negama le-UKZN.”
Lokhu kukhethwa kulandela uhlelo olunzima olunezigaba ezihlukene, lapho umfundi wase-UKZN oyedwa phakathi kwababili ethathiwe kulo nyaka. E-UKZN, impumelelo kaNks Nqala ayisho impumelelo yomuntu oyedwa kuphela; ikhombisa ukusimama kwesiko lokwenza izinto ngezindlela ezintsha, ubuholi nokucijwa kwamabhizinisi kulesi Sikhungo, njengoba sifundisa izifundiswa zangomuso ukuthi zibambe iqhaza elibonakalayo emphakathini ngamabhizinisi nokwenza izinto ngendlela entsha.
Amagama: wuNombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe



