Kusuka kwesobunxele wuMengameli woMkhandlu oMele Abafundi, uMnu Aphelele Ngcongo; iPhini likaNgqonqoshe woMnyango weMfundo ePhakeme nokuQeqeshwa, uDkt Nomusa Dube-Ncube; iPhini likaShansela noMphathi oMkhulu, uSolwazi Nana Poku; noNobhala-Jikele woMkhandlu oMele Abafundi, uMnu Kwanele Thusi.Iphini likaNgqongqoshe Livakashele e-UKZN Ngaphambi Kokuqala Konyaka Wokufunda
Click here for English version
IPhini likaNgqongqoshe woMnyango weMfundo noKuqeqeshwa, uDkt Nomusa Dube-Ncube livakashele eNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN).
Lokhu kuyingxenye yomkhankaso woMnyango weMfundo ePhakeme nokuQeqeshwa wokuhlola ukuthi izikhungo ziwulungele kangakanani unyaka wokufunda, lapho kubhekwe khona kakhulu izindlela zokubhalisa, amandla engqalasizinda nokulungela ukufunda.
Ngemva kwezethulo eziningi zabaphathi base-UKZN naboMkhandlu oMele Abafundi, iPhini likaNgqongqoshe lixoxe nabaholi besikhungo ngeqhaza lamanyuvesi ekuthuthukiseni izwe ngocwaningo, ukusungula izinto ezintsha namabhizinisi.
Inkulumo yakhe ibalule izinselelo nohambo lokuvuselela iNyuvesi, okubalwa kukhona ubunzima besimo sezimali, ukwehla kosizo lwemali kahulumeni, isikweletu sabafundi, ukushoda kwabasebenzi, ukungalingani kwabasebenzi ngokobulili ezikhundleni zokuphatha, izinto ezithinta ingqalasizinda nezakhiwo ezigugayo.
IPhini likaShansela noMphathi Omkhulu, uSolwazi Nana Poku wemukele uDube-Ncube, wabalula ubudlelwano bakhe obude ne-UKZN. “Angiqale ngokwemukela uMhlonishwa uNgqongqoshe, ongesona isifiki kule nyuvesi. Sithakase kakhulu ukuphinda simemukele e-UKZN.”
UPoku ubonge uDube-Ncube ngokuhlala exoxisana neNyuvesi, wengeza ngokuthi: “Sithakasile ukuthi ukhethe ukuba phakathi kwethu. Siyabonga ukuthi unathi.” Ubalule ubumqoka balolu hambo eliyithuba lokuthi iNyuvesi izihlole futhi ibheke nezinselelo ezikhona.
Egcizelela ukubaluleka kwemfundo enenjongo, uDube-Ncube ubuze imibuzo okufanele lo mkhakha uyicabange, enjengokuthi: “Nifundisa bani? Kufanele senze ucwaningo ngokuthi sicwaningela bani futhi nani?”
Ubuye wabalula ukuthi usizo lwezimali lukahulumeni kudingeka ukuthi luhambisane nomphumela obonakalayo, wengeza ngokuthi: “Amanyuvesi anikelwani imali? Yingoba edinga imali noma yingoba enza izinto ezinkulu ngokusabalalisa izifundo zeSayensi, Ubuchwepheshe, Ubunjiniyela neZibalo nokusungula izinto ezintsha?”
Ebalula isidingo sokuthi amanyuvesi abeneqhaza elibonakalayo ekusimamiseni umnotho wesifundazwe, ugcizelele ukubaluleka kokushintsha izinto ngobuchwepheshe, umnotho wezemvelo namabhizinisi endleleni yokuFundisa noKuqeqesha Ngemva kukamatikuletsheni.
UDube-Ncube ugcizelele ukubaluleka kokusebenza kahle kwesikhungo, wabalula ukuthi ngeke kulungele ukuthi kubhede izinto emanyuvesi. “Kufanele kubeyithina esixazulula izinkinga zezwe. Ngeke kulunge ukuthi namanje sisahluleka ukuthola izisombululo zezinye izinkinga,” kusho yena.
Unxuse ukuthi kubenobuholi obuqotho nobuthatha izinqumbo, izindlela zokuphatha ezibonakalayo, ubudlelwano obuhle ngezindaba zabasebenzi nokunciphisa ubungozi njengezinto ezimqoka emkhakheni weMfundo ePhakeme.
Ethinta iqhaza labafundi, uDube-Ncube ugcizelele ukubaluleka kokubambisana phakathi kwabafundi besikhungo nabezinhlangano zabafundi. “Asikwazi ukuhlangana kuphela ngoba kunezinkinga. Asihlangane ngisho kuthiwa kufanele sibingelelane bese sivalelisana… sonke siyingxenye yesisombululo,” kusho yena, wagqugquzela ukuthi abaholi babafundi babambe iqhaza ekubumbeni ikusasa lezikhungo.
Ukuthuthukisa ingqalasizinda nokusungula izinto ezintsha bekuseqhulwini kulezi zingxoxo, uDube-Ncube unxuse iNyuvesi ukuthi ibheke ubudlelwano nezimboni ngezikhungo zokusungula izinto ezintsha nokufukamela amabhizinisi amasha. “Kungenzeka sidinga ukusungula izinkampani ezintsha ezizoba semakhempasini ukuze sikwazi ukwenza ucwaningo nokubambisana nalezo zinkampani,” kuphakamisa yena.
Uphethe ngokuqinisekisa ukuzibophezela koMnyango ukusebenzisana nazo zonke izikhungo zemfundo ephakeme ezweni, wabalula ukuthi ukwenza indlela yokuhlola izikhungo ebanzi izoqinisekisa ukuthi izinhlelo zikahulumeni wezwe zihambisana nezimo zempilo yamanyuvesi.
“Ngeke sihlale ePitoli kodwa nibe nibhekene nezinselelo lapha. Kufanele siqhamuke nohlelo ngokubambisana ukuze siphumelele,” kusho yena.
Lokhu kuvakasha kuhambisana nomkhankaso obanzi wokusimamisa ikusasa lesikhungo, ukukhuthaza ukwenza izinto ngezindlela ezintsha nokuqinisekisa ukuthi amanyuvesi alalela izidingo zentuthuko yeNingizimu Afrika.
Amagama: wuNombuso Dlamini
Isithombe: wuSethu Dlamini



