Abaningi basaqhubeka nokukhala ngokulahlekelwa ngumfundi, uNksz Zinhle Mchunu (kwesokunxele). Muva nje kwenziwe inkonzo yesikhumbuzo eNyuvesi. Lesikhumbuzo besihanjelwe umndeni wakhe, lapho uNksz Nonzaliseko Madonsela (kwesokudla) ekhulumela wona.I-UKZN Ihloniphe Impilo Nenkumbulo KaZinhle Mchunu, Umfundi Obulewe Enhlekeleleni ye-GBV
Click here for English version
Kukhunjulwe umfundi waseNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) ongasekho, uNks Zinhle Mchunu, ehholo ebelenganyelwe umunyu ligcwele umndeni wakhe, abangani, abafundisi nabanye. Wabulawa esigamekweni esimbi sokuhlukumeza ngenxa yobulili.
UNks Mchunu, obezokwethweswa iziqu i-Bachelor of Education ngoNhlaba wangalo nyaka. Obekhulumela umndeni uNks Nonzaliseko Madonsela uthe uNks Mchunu ubezisebenzele kanzima iziqu zakhe zizokwethweswa engasekho.
UNks Madonsela kubebuhlungu ukuzwa ngokushona kukaNks Mchunu ngemuva kwenyanga anyamalala ngoba babehlalele ethembeni, bekhuleka ukuthi uzotholakala ephila engenamyocu.
Echaza ukulahlekelwa kwabo, uNks Madonsela uthe kufana nokutshala isihlahla, usilinde sikhule bese sinqampunwa ngesihluku.
Umfundisi wakhe uNks Mari van Wyk uchaze uNks Mchunu njengomuntu obenomdlandla obakha izinsizakufundisa ezikwenza ucabange, ethanda ukwazi izinto, enobungani futhi enombono ngekusasa lakhe.
ESizakahle Public School eMnambithi, lapho kade ecijelwa ukubawuthisha khona, othisha abamcijayo bamchaze njengomuntu obehlale ezilungiselele futhi ehleleke ngendlela eyisimanga eziphethe kahle emsebenzini, ehlonipha isikhathi futhi enokuziqhenya ngomsebenzi wakhe. “Ubehlale egqoke kahle, enobudlelwano obuhle nabafundi, enza impilo neSayensi Yezempilo kubemnandi ngendlela abefundisa ngayo.”
IDini neNhloko yeSikole SezeMfundo uSolwazi Emmanuel Mgqwashu uthe ukufa kukaNks Mchunu kufanele kuvuselele intshisekelo yokulwa nesihlava sendluzula ngokobulili nokuzibophezela okungapheli ukumkhumbula.
UMgqwashu uthe: “Lo mbhidlango usho ukukhuluma ngokuhlukumeza ngokobulili, ukungathula uma kukhona umuntu ohlukunyezwayo, ukwenza imiphakathi enokuphela nokuthi amadoda nabafana bakhuze ukuziphatha okungalungile ngisho kuthiwa kwenziwa kubeyihlaya.”
UDkt Ziphozonke Ntshangase, okhulumele uSolwazi Nhlanhla Mkhize, iSekela lePhini likaShansela neNhloko yeKolishi Lezobuntu, uthe inyuvesi, ifana nomphakathi, izimisele ukusukumela indaba yendluzula ngokobulili noma ngabe yenzeka kuphi.
UNtshangase uthe ukuqeda indluzula ngokobulili kudinga ukuthi abantu bayeke ukuthula futhi balwe nomqondo ongalungile ozishaya sakubanegunya ngoba abantu besifazane abampahla yamuntu.
Ebhekise kubazali bakaNks Mchunu, uMkhize uthe: “Impilo yendodakazi yenu ibibalulekile, ubukhona bayo bebubalulekile, nezifiso zayo zibalulekile. Ngeke ikhunjulwe ngenxa yendluzula eyibulele kodwa izokhunjulwa ngenxa yesithembiso, imfudumalo nethemba ebinalo emphakathini. Sengathi singayikhumbula ngokwakha umhlaba nekhempasi lapho wonke umuntu wesifazane omusha ezokwazi ukuphila, ukufunda nokuthweswa iziqu ngokuphepha.”
UMnuz Andile Ntombela, uSihlalo woMkhandlu Omele Abafundi, kwikhempasi ese Edgewood, ukhumbule mhla evakashele kwaMchunu mhlawama-28 kuZibandlela beyoduduza umndeni. UMnuz Ntombela ubonge uMgqwashu ngokuhlela lokho nakuba kwakungamaholidi esikoleni, wabonga umndeni wase-Edgewood ngokuza enkonzweni yesikhumbuzo. Uxolisile ngokungaziphathi kahle kwawo wonke amadoda.
UMfu Benjamin Khutsoane ubalule ukuthi iNingizimu Afrika iyisizwe esilimele, wakhuleka ukuthi ikhululwe emaketangweni endluzula ebhekiswe kubantu besifazana nokubulawa kwabo.
Amagama: wuHlengiwe Khwela
Isithombe: wu-Albert Hirasen



