Abafundi abenza unyaka wokuqala eKolishi LeZolimo, UbuNjiniyela neSayensi bekwi-Academic Success Bootcamp.Abafundi Bonyaka Wokuqala Endleleni Ebheke Empumelelweni
Click here for English version
IKolishi LeZolimo, UbuNjiniyela neSayensi laseNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) lisanda kuhlela i-2026 Academic Success Bootcamp, lapho lemukele khona abafundi abasha abayi 1 200 ekhempasini yase-Westville neyaseMgungundlovu.
Lolu hlelo lwezinsuku ezintathu lokucija abafundi lubeyimpumelelo enkulu, lwasiza abafundi ukuthi bakwazi ukuqala impilo entsha yokufunda.
Lolu hlelo lokuqeqesha abafundi, olwasungulwa noluhlelwa wuDkt Sahejna Bantho, i-Academic Development Officer enkulu yaseKolishi, yethule indlela yokufunda ehlanganise izinto ezimbili zokufunda esikoleni nobuchwepheshe. Kwethulwe izinkulumo zeminyango ehlukene yaseKolishi okubalwa kuyona ama-Academic Development Officers, i-Student Support, ama-First-Year Experience Mentors ne-Information and Communication Services. UNks Zenelise Mbambo udidiyele uhlelo obelusekhempasini eseMgungundlovu.
Cishe abafundi abasha abangama-850 bebekwi-Bootcamp esekhempasini yase-Westville, kwathi abanye abangama-350 babamba iqhaza kweseMgungundlovu. Lezi zibalo zikhombise ukuthandwa kwale-Bootcamp eyisisekelo sempumelelo yabafundi bakuleli kolishi.
Uhlelo lwangalo nyaka belwenzelwe ukuhlomisa abafundi ngamakhono okufunda amqoka futhi luqinise ikhono labo lokwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe. Izigcawu zokucija abafundi bezigxile emakhonweni ayisisekelo anjengokuthatha amanothi, ukulawula isikhathi nezindlela zokutadisha eziwusizo. Ngaphezu kwalokho, kwethule ingxenye entsha egxile ekusebenziseni izinkundla zobuchwepheshe, ukusebenzisa izinsizakufunda nokwenza abafundi bazithembe uma besebenzisa ubuchwepheshe ezimweni zokufunda ngabo.
Abafundi bathe ukufunda ngokusebenzisa ubuchwepheshe kubewusizo kakhulu futhi kunesidingo. Ukufundisa ngezinkundla zobuchwepheshe kuqinisekisa ukuthi abafundi bacijelwa ukubhekana ngendlela nezidingo zeMfundo Ephakeme.
Abafundi bakuncomile ukucijwa kwabo. Bathe i-Bootcamp ibasize ukuzilungiselela ukufunda, yaqeda ixhala ngokuqala ukufunda enyuvesi. Ngale kwezinto ezithinta imfundo, lolu hlelo lwakha ubunye nokubawumphakathi. Abafundi bathole abangani, okugcwalise ukubaluleka kokubambisana nokukhula ndawonye ngonyaka wabo wokuqala.
UDkt Bantho uthe i-Bootcamp yenziwe ngenhloso ukuthi isize ngezidingo zabafundi ezisheshaya nezangomuso. “I-Academic Success Bootcamp yenzelwe ukuhlomisa abafundi abenza unyaka wokuqala ngezindlela eziphathekayo zokuthi bazithembe uma besebenzisa izinkundla zobuchwepheshe bokufunda nobudlelwano bokulekelelana. Ngokufaka ukufundisa ngesikole nobuchwepheshe siqinisekisa ukuthi abafundi bethu abagcini nje ngokulungela ukufunda egumbini lokufunda kepha futhi bakwazi ukuphumelela emkhakheni wemfundo ephakeme oshintshayo,” kusho yena.
Ithimba lase-Academic Development Office libonge lanconcoza kwiDini YokuFundisa noKufunda yaseKolishi uSolwazi Naven Chetty noMqondisi weeCentre for Academic Success in Science and Engineering uDkt Boby Varghese ngosizo lwabo lokuzinikela nokubachushisa, okwenze lolu hlelo lwabayimpumelelo.
Amagama: wu-Sally Frost
Izithombe: wuNqobile Mthuli



