UNksz Anele Mnculwane.Uthole Amandla Okwenza Ushintsho kwiDayethethiksi nezoMsoco
Click here for English version
Umfundi owenza unyaka wokugcina Kwiziqu ZeSayensi kwiDayethethiksi Nezomsoco Kubantu eNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN), uNks Anele Mnculwane, kwase kusele kancane ukuthi ashiye izifundo phakathi, nakuba ayephasa ngamalengiso, ngenkathi egixatshezwa ngomfundaze we-Hillensberg Trust, ohlelwe yi-UKZN Foundation.
Lo mfundaze ubumqoka ekumsizeni ukuthi aqede iziqu zakhe. “Ngathola izitifiketi ezimbili zemiklomelo ngonyaka odlule kodwa ngenxa yokuswela imali kwase kusele kancane ukuthi ngiyeke,” kusho yena, ekhumbula ukuthi wayengeke esakwazi ukuphinda abhalise ngenxa yokuswela imali.
“Lo mfundaze ukushintshe konke lokho. Wafika ngesikhathi esifanele. Wangithula umthwalo, wanginika inkululeko yonaka izifundo.”
Ekhula eMdlovana, KwaZulu-Natali, uMnculwane wakhulela ekhaya lapho kwakungunina yedwa owayondla izingane ezinhlanu. Uyise, owayengenandaba, wayevame ukubahleka usulu ngezifiso zabo. “Wayehlale ethi ngeke sibezinto zalutho,” kusho yena. “Yilokho okwangikhuthaza ukuthi ngiqophisane naye,” Njengoba ijoka lokondla lalibhekene nonina kuphela, uMnculwane wayephokophele ukuzakhela ikusasa eliqhakazile, elinamathuba.
UMnculwane, owayefisa ukubawumshayeli wamabhanoyi, kodwa washintsha ngenxa yokuntula imali. Ngemva kokucabanga izifundo zoBunjiniyela, wakhetha ukwenza iDayithethiksi neZomsoco Kubantu, okwakuyinto yesithathu kwazithandayo ngaleso sikhathi. Nakuba ayengenasiqiniseko ekuqaleni kodwa ngokuqhubeka kwesikhathi wagcina esamukele lesi sifundo, wangenwa wuthando lwezomsoco nezempilo. Namuhla uzibona ziwubizo lwakhe.
UMnculwane wathola umsebenzi oyitoho emtapweni wolwazi wase-UKZN, wafunda ukubheka umsebenzi wesikole nomsebenzi wakhe. Nakuba kwakunzima kodwa waqhubeka nokwenza kahle ezifundweni zakhe, elokhu enake izinjongo zakhe. Uma engafundi uMnculwana uthanda ukudlala ibhola, ukulalela umculo kanti usenothando lokukhangisa; njengoba ngelinye ilanga efisa ukukhangisa ngezimpahla zaphesheya ezinjengo-Gucci.
Mayelana nekusasa, uMnculwane ufisa ukuvula indawo yakhe eluleka ngezomsoco KwaZulu-Natali, ezosiza abantu abahlwempu futhi ufisa ukuyosebenza phesheya emazweni lapho kudlange khona ukonda, ezosebenzisa ikhono lakhe ukushintsha izinto.
“Kuwo wonke umfundid othwele kanzima, ngithi qhubeka,” kusho yena. “Ungazeyi noma weye amandla okubekezela. Uzonqoba. UNkulunkulu unawe indlela yonke.”
I-Hillensberg Trust igxile ekuxhaseni abafundi abasemikhakheni yobuDokotela, Ubuchwepheshe, Ubuciko Obubonwayo noMculo, ikakhulukazi labo abathathwa ngokuthi bangabafundi ‘abahlwempu’ noma asebefundela iziqu zesibili.
Amagama: wu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



