UDkt Samke Ngcobo.Owayengumfundi Uhlomule Ngendondo Eyaziwa ngele-Mail & Guardian’s Power of Women Award
Click here for English version
Owayengumfundi wase-Medical School, uDkt Samke Ngcobo, uqokwe kwabangama-40 abangaphansi kweminyaka engama-40 esigabeni se-Health and Wellness yakulo nyaka emcimbini we-Mail & Guardian’s (M&G) Power of Women Awards eyithola ngenkampani yakhe, eyaziwa ngele-Vocal Mentality.
Unqobe lo mklomelo wase ethi lo mklomelo ungowabo bonke abantu ababhekene nezifo zengqondo ezahlukene.
I-M&G, eyethula isigaba saMandla Wabesifazane ekugubheni abesifazane abaguqula okuyizinselelo kube yimpumelelo, ithe: “Sibathulela isigqoko abesifazane ababekela inselele imikhawulo, bashintshane ukulandisa futhi bahole ngenhloso."
UNgcobo ungummeleli olwela ezempilo yengqondo owaphumelela noma ephila nesifo se-Bipolar Disorder Type 1 iminyaka engaphezu kwengama-20.
Uyi-CEO kanye nomsunguli wenkampani yezempilo yabasebenzi eyaziwa ngele-Vocal Mentality (Pty) Ltd eyasungulwa eminyakeni emihlanu edlule njengenkundla ekhuthaza ukufundisa ngempilo yengqondo nokumela impilo yengqondo - inkundla ekabili yokuzibonakalisa komuntu ngokusebenzisa iso lomuntu oseke wayihamba indlela yokuphila nesifo sengqondo” nokwabelana ngolwazi lwezempilo yengqondo ngokombono wochwepheshe.
Le nkampani yabekwa kwabahamba phambili abahlanu kowamanqamu ku-TransUnion's Rising Star Awards ngonyaka wezi-2022 esigabeni Sosomabhizinisi.
UNgcobo uthe uhlonishwe ngempela ngokuhlonishwa kwe-M&G. "Ngizizwa ngikhuthazekile ukuthi ngiqhubeke ngiye phambili nomsebenzi wami ekumeleleni impilo yengqondo. Ngibonga kakhulu kuwo wonke umuntu ongesekile ohambweni lwami."
Isikhulumi sosuku samazwe ngamazwe esinemiklomelo eminingi yokukhuluma esidlangalaleni, uNgcobo ungumbhali wencwadi ethi Reflections of a Convoluted Mind: A Journey with My Mental Illness - incwadi eyagqugquzelwa isifiso sakhe sokuqwashisa nokuqonda ngempilo yomuntu ogula ngengqondo ayilandisa ngothile ogula ngengqondo. Waba nomuzwa wokuthi angakwazi ukwabelana nokuqonda okubalulekile futhi asebenze njengodokotela.
UNgcobo uthe okugqamile eSikoleni Sezobudokotela sase-UKZN ukujula kolwazi kanye nesipiliyoni aluthola ngokuvuleleka kwakhe ekunakekelweni kweziguli, kanye nokwesekwa okukhulu akuthola kubasebenzi bezemfundo ngesikhathi sobunzima ekuqeqesheni kwakhe njengoba ebhekene nezinselele ezinzima zempilo yengqondo.
UNgcobo usanda kusingatha umcimbi owaziwa ngele-Celebrating A Mentality Milestone, eGoli, lapho izihambeli bezilalele izingxoxo ezinobuhlakani ezivela eqenjini lodokotela bengqondo, abeluleki bengqondo kanye nodokotela wezifo zengqondo, okuhlanganisa nowayengumfundi wase-UKZN nodokotela wezengqondo, uDkt Bonginkosi Mafuze naye owaphumelela emkhakheni we-2025 Starsing Excellence Awards kumcimbi wezindondo we-Star African Health Awards.
• Buka itestamente sikaNgcobo ku-YouTube mayelana nokuthi kubukeka kanjani ukuqala phansi ugule kade ususinda, ukulaliswa esibhedlela nokululama.
Umbhalo: Lunga Memela
Isithombe: Sithunyelwe



