UNks Charmaine Kahiya ese-Cambridge University.Umfundi Wase-UKZN Uvelele Kwi-Women in STEM Forum e-Cambridge University
Click here for English version
Kusukela mhla we-14 nomhla we-17 kuMandulo wangowezi-2025, uNks Charmaine Kahiya, umfundi waseNyuvesi yaKwaZulu-Natali owenza iziqu zobudotekela kwiFamasuthikhali Khemistri, ubeye esithangamini esikhulu i-Women in STEM e-Cambridge University.
UKahiya nabanye abalingani bakhe ababili base-UKZN babambe iqhaza kulo mcimbi obugubha umsebenzi omuhle kepha futhi ubheke nezinselelo abacwaningi besifazane base-Africa ababhekana nazo kwisayensi, ubuchwepheshe, ubunjiniyela nezibalo.
Kulesi sithangami bekukhona noDkt Gugulethu Tarakani, ucwaningi owenza iziqu zobudokotela we-Agro-ekholoji ekhempasini yaseMgungundlovu nomfundi wakudala wase-UKZN uDkt Margaret Siyawamyaya waseZimbabwe.
Bobathathu abantu akade bekhona bahlomula nge-Schlumberger Foundation yeFaculty for the Future fellowship, umkhankaso waphesheya oweseka abantu basemazweni asathuthuka ukuthi benze ucwaningo lweziqu zobudokotela nocwaningo labaneziqu zobudokotela emanyuvesi avelele.
Lolu cwaningo olwenganyelwe yi-SLB, inkampani yaphesheya yamandla kagesi, luhlose ukwenza ukuthi kubenesimo esilula sokuchuma kwabantu besifazane babengabaholi emikhakheni yabo.
UKahiya, owenza ucwaningo ngaphansi kweso loSolwazi Gert Kruger no-Tricia Naicker be-Catalysis and Peptide Research Unit yase-UKZN, uchaze lesi sithangami “njengento eshintsha izinto ngokungagcini nje ngokubuka izinselelo abantu abasemkhakheni wesayensi, ubuchwepheshe, ubunjiniyela nezibalo base-Afrika kodwa namathuba ayingqayizicele akhona uma sixhumana nabantu baphesheya nengqalasizinda.”
Kulolu hlelo lwezinsuku ezine bekukhona izikhulumi ezinohlonze ezimbalwa. Ungoti kwezobuholi uNks Sally Helgesen wethule inkulumo ethi ‘How Women Rise’, enezeluleko ngokuthi yiziphi izinto ezibonakalayo ezingenziwa ukususa izithiyo ezivimba abantu besifazane ezindaweni zomsebenzi.
Lesi sithangami sikhombise nomsebenzi weMawazo Institute, inkampani evelele yase-East Africa egxile ekuhlomiseni abacwaningi besifazane ngosizo locwaningo, ukuthuthukisa ubuholi babo nokubaqeqesha ngokubangosomabhizinisi.
“Lokhu kugxila ezisombululweni zase-Afrika zithole indawo,” kusho uKahiya. “Injongo yeMawazo Institute wukucija isizukulwane sangomuso sezifundiswa zase-Afrika. Yisikhumbuzo sokuthi kufanele sibeseqhulwini lokulwela ukubuka izinto ngeso lase-Afrika nokwenza izinto ngezindlela ezintsha ukuxazulula izinselelo zezwekazi.”
Enye into enkulu kubewukubamba iqhaza kwe-Baroness of Cambridge, nezifundiswa zase-Cambridge, e-UCLA (e-University of California, Los Angeles) nezinye izikhungo zemfundo ephakeme ezivelele. Amalungu ebhodi ase-SLB nawo abekhona, okufakazela ukweseka kwalesi sikhungo lomsebenzi nomkhankaso obanzi wokuhlomisa abantu besifazane abasemkhakheni wesayensi, ubuchwepheshe, ubunjiniyela nezibalo emhlabeni jikelele.
UKahiya uthe uyabonga ngethuba lokuhlangana nezifundiswa, abacwaningi nabaholi bemikhakha ehlukene. “Ukubayingxenye yalesi sithangami kungivule amehlo ngamagalelo abantu besifazane emkhakheni wesayensi, ubuchwepheshe, ubunjiniyela nezibalo, wagcwalisa ukuzinikela kwami ukuqhuba ucwaningo lwefamasuthikhali khemistri olunamagalelo. Bekukhuthaza ngempela ukubona ukuthi abantu besifazane basezindaweni ezihlukene bahlangana kanjani ukwesekana ukudlondlobala kwabo.”
I-Faculty for the Future fellowship ye-Schlumberger Foundation ivuleleke kubantu besifazane abanesiphiwo basemazweni asathuthutka abafisa ukwenza ucwaningo emanyuvesi avelele. Eminye imininingwane itholakala la.
Amagama: wu-Sally Frost
Isithombe: Sithunyelwe



